Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 42:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Khona-ke bonke abafowabo nabo bonke odadewabo nabo bonke abazana naye beza kuye badla isinkwa naye endlini yakhe; bamlilela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona; bamnika, kwaba yilowo nalowo uhlamvu lwemali, kwaba yilowo nalowo icici legolide.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ababazana naye ngaphambili, badla endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona, yilowo nalowo wamnika uhlamvu lwemali necici legolide.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ayazana nabo phambilini, badla isinkwa naye endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uSimakade ayemehlisele khona. Bamnika yilowo nalowo uhlamvu lwemali necici legolide.

Gade chapit la Kopi




UJobe 42:11
18 Referans Kwoze  

Kwathi abangane bakaJobe abathathu bezwa ngakho konke lokhu okubi okumehleleyo, bafika, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe; uElifazi umThemani, noBhilidadi umShuhi, noSofari umNahama; ngoba benza isivumelwano sokudabuka kanye lokumduduza.


Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, wenza ngisho nezitha zakhe zibe nokuthula naye.


Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, inxenye yeshekeli, namasongo amabili ezandleni zayo, amashekeli ayishumi egolide;


Ngakho-ke phakamisani izandla eziwileyo namadolo axegayo;


Khumbulani ababoshiweyo ngokungathi niboshiwe kanye nabo; nabaphathwa kabi, njengokuba nani nisemzimbeni.


Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; noma kuhlonishwe isitho sinye, athokoze amalungu onke kanye nalo.


Jabulani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Kepha bengiyakuniqinisa ngomlomo wami, nokuhamba kwezindebe zami kube kuthobisa usizi lwenu.


Amazwi akho asekela owasezakuwa, waqinisa amadolo abuthakathaka.


Kepha abantwana bakwaBeliyali bathi: “Lo uyakusisindisa kanjani na?” Futhi bamdelela, futhi abazange bamlethele izipho. Kodwa wathula.


Amathambo kaJosefa abantwana bakwa-Israyeli abakhuphula ngawo eGibithe bawembela eShekemi endaweni uJakobe ayithenga emadodaneni kaHamori uyise kaShekemi ngamashekeli ayikhulu esiliva; ifa labantwana bakwaJosefa.


Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukumduduza; kepha wala ukududuzwa; wathi: “Ngokuba ngiyakwehlela endaweni yabafileyo ngilila indodana yami.” Ngakho uyise wamkhalela.


Inceku yayisikhipha izinto zesiliva nezegolide, nezingubo, yazinika uRebeka; wabanika umnewabo nonina izinto eziyigugu.


Kwafika abaningi kumaJuda kuMarta noMariya ukuze babaduduze ngomnewabo.


Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe, kepha abanothileyo banabangane abaningi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite