Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 40:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ingalo yakho injengoNkulunkulu na? noma ungaduma ngezwi elinjengelakhe na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Unengalo njengoNkulunkulu, ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Unengalo njengoNkulunkulu yini na? Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 40:9
18 Referans Kwoze  

Unengalo enamandla, isandla sakho sinamandla, isandla sakho sokunene siphakeme.


Siyayivusela umhawu iNkosi na? sinamandla kunaye na?


Maye kulowo oxabana noMenzi wakhe! Izindengezi maziphikisana nezindengezi zomhlaba. Ubumba luthi kumbumbi walo: Wenzani na? noma umsebenzi wakho, Akanazandla na?


Wena waphohloza uRahabi njengomuntu ohluliwe; Uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla.


Izwi likaJehova liphezu kwamanzi; uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma, uJehova uphezu kwamanzi amaningi.


Ingamelana nami ngamandla ayo amakhulu na? Cha; kodwa ubezafaka amandla kimi.


Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla emandleni; ngubani owazenza lukhuni kuye, waba nempumelelo?


Isandla sakho sokunene, Nkosi, sikhazimula ngamandla; Isandla sakho sokunene, Nkosi, sachoboza izitha.


Ngakubekela ugibe, wabanjwa nawe, Babele, wawungazi; watholakala futhi wathunjwa, ngoba walwa noJehova.


Umsindo wamaphiko amakherubi wezwakala kwaze kwaba segcekeni elingaphandle njengezwi likaNkulunkulu uSomandla lapho ekhuluma.


Ukuze zonke izizwe zomhlaba zisazi isandla sikaJehova ukuthi silamandla, ukuze lesabe uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube nininini.


Lalela ukuzwa umsindo wezwi lakhe nomsindo ophuma emlonyeni wakhe.


Izwi likaJehova linamandla; izwi likaJehova ligcwele ubukhosi.


Ihubo. Hlabelelani kuJehova ihubo elisha; ngokuba wenze izimangaliso: isandla sakhe sokunene nengalo yakhe engcwele kumnike ukunqoba.


UJehova wembulile ingalo yakhe engcwele phambi kwamehlo azo zonke izizwe; futhi yonke imikhawulo yomhlaba iyakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite