Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 36:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngiyakususela kude ukwazi kwami, ngibeke ukulunga koMenzi wami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngiyakulanda kude ulwazi lwami, nginike uMenzi wami ukulunga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngizolulanda kude ulwazi lwami, ngikunike uMenzi wami ukulunga.

Gade chapit la Kopi




UJobe 36:3
27 Referans Kwoze  

Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Bahlabelela ingoma kaMose inceku kaNkulunkulu, nengoma yeWundlu, bethi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, Nkosi yabangcwele.


Kungakho uJehova wabuqaphela ububi wabesehlisela phezu kwethu, ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, ngoba asililalelanga izwi lakhe.


Jehova, ukulunga kungokwakho, kepha ubuso bethu buyihlazo njenganamuhla; kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema nakuye wonke u-Israyeli oseduze nakude, emazweni onke lapho obaxoshele khona ngenxa yesiphambeko sabo abasenze kuwe.


UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, ungcwele emisebenzini yakhe yonke.


Ngokuba uJehova olungileyo uthanda ukulunga; abaqotho bayabubona ubuso bakhe.


Kodwa kukhona umoya kumuntu, futhi ukuphefumula kukaSomandla kubanikeza ukuqonda.


UNkulunkulu uphendukezela ukwahlulela na? uSomandla uyawuphendukezela yini umthetho na?


Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe ziwukulunga; uNkulunkulu weqiniso ongenabubi, ulungile, ulungile yena.


Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu opha bonke ngobuhle, engasoli; njalo uzakuphiwa.


Pho siyakuthini na? Kukhona yini ukungalungi kuNkulunkulu? UNkulunkulu akakuvumeli.


Indlovukazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; futhi bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni.


Uqinisile, Jehova, lapho ngiphikisana nawe; ake ngikhulume kuwe ngezahlulelo zakho: kungani indlela yababi iphumelela? kungani bejabula bonke abenza ngokukhohlisa na?


Uma simthinta uSomandla, asinakumfumana: mkhulu ngamandla, nangokwahlulela, nobuningi bokulunga; Ngeke acindezele.


Ngokuba uJobe wathi: “Ngilungile, kepha uNkulunkulu uthathe ukulunga kwami.”


Lwavutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarageli, umBushi, owesizwe sikaRamu; ulaka lwakhe lwamvuthela uJobe, ngokuba wayezilungisile kunoNkulunkulu.


Ingabe umuntu ofayo uyolunga ngaphezu kukaNkulunkulu? Umuntu angaba msulwa kunoMenzi wakhe na?


Ngibekezeleleni kancane, futhi ngizonikhombisa ukuthi ngisamkhulumela uNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite