Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 34:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngakho-ke ngilaleleni nina madoda anokuqonda! Kukude noNkulunkulu ukuthi ubengenza ububi; nokaSomandla, ukuba enze okubi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda; makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi, nakuSomandla ukuba enze ukona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 “Ngalokho ngizweni, nina bantu abanokuqonda, makube kude noNkulunkulu ukuba enze inkohlakalo, nakuSomandla ukuba enze okungalungile.

Gade chapit la Kopi




UJobe 34:10
19 Referans Kwoze  

Pho siyakuthini na? Kukhona yini ukungalungi kuNkulunkulu? UNkulunkulu akakuvumeli.


Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe ziwukulunga; uNkulunkulu weqiniso ongenabubi, ulungile, ulungile yena.


UNkulunkulu uphendukezela ukwahlulela na? uSomandla uyawuphendukezela yini umthetho na?


Ngakho ukumesaba uJehova makube phezu kwenu; Qaphelani, nikwenze, ngokuba akukho bubi kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso nokwamukela izipho.


Umuntu olingwayo makangasho ukuthi: Ngiyengwa nguNkulunkulu;


Makube kude nawe ukwenza kanjalo, ukubulala olungileyo kanye nomubi, nokuba olungileyo abe njengomubi, okude nawe; umahluleli womhlaba wonke akayikwenza ubulungisa na?


Ukufakaza ukuthi uJehova uqotho: uyidwala lami, akukho ukungalungi kuye.


Ngubani owamlaya indlela yakhe? ngubani ongasho ukuthi: ‘Wenzile okubi na?


Kepha ophinga nowesifazane akaqondi; owenza lokhu uchitha umphefumulo wakhe.


Uma simthinta uSomandla, asinakumfumana: mkhulu ngamandla, nangokwahlulela, nobuningi bokulunga; Ngeke acindezele.


Uqinisile, Jehova, lapho ngiphikisana nawe; ake ngikhulume kuwe ngezahlulelo zakho: kungani indlela yababi iphumelela? kungani bejabula bonke abenza ngokukhohlisa na?


Olahla ukulaywa udelela umphefumulo wakhe; kepha ozwa ukusolwa uzuza ukuqonda.


Abantu abanokuqonda mabangitshele, nomuntu ohlakaniphileyo makangilalele.


Yebo, uNkulunkulu ngeke enze okubi, futhi uMninimandla onke ngeke aphendukezele isahlulelo.


UNkulunkulu yena, indlela yakhe iphelele; izwi likaJehova lihloliwe; Uyisihlangu kubo bonke abamethembayo.


UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, ungcwele emisebenzini yakhe yonke.


UJehova olungileyo uphakathi kwawo; akenzi okubi; njalo ekuseni uyaveza ilungelo lakhe, akaqedi; kepha ongalungile akawazi amahloni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite