Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 30:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Angimkhalelanga yini ososizini na? Umphefumulo wami awubanga lusizi ngabampofu na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zazilukhuni na? Umphefumulo wami awuhawukelanga abampofu na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zinzima na? Umphefumulo wami awubahawukelanga yini abampofu na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 30:25
20 Referans Kwoze  

Jabulani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Kodwa uma ningakuzwa, umphefumulo wami uyokhala ekusithekeni ngenxa yokuzidla kwenu; iso lami liyokhala kamunyu, lehle izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.


njengokulotshiweyo ukuthi: “Wahlakaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kumi phakade.


UJesu wakhala izinyembezi.


Esesondele wawubona umuzi, wawukhalela;


Ngakho-ke, nkosi, makwamukeleke iseluleko sami kuwe, wephule izono zakho ngokwahlulela nobubi bakho ngokuhawukela abampofu; uma kungase kube ukunwetshwa kokuthula kwakho.


Ingabe ububi buyobuyiselwa ngokuhle? ngoba bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kwakho ukubakhulumela kahle, ngisuse ulaka lwakho kubo.


Lowo owandisa impahla yakhe ngenzalo nangenzuzo engalungile, kumelwe ayiqoqele lowo ohawukela abampofu.


Ohawukela ompofu uboleka uJehova; lalokho amnike khona uzakumbuyisela khona.


Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe; futhi lowo ojabulela izinhlekelele ngeke angajeziswa.


Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe; kepha omdumisayo uhawukela abampofu.


Odelela umakhelwane wakhe uyona; kepha ohawukela abampofu, ubusisiwe.


Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Siza, Jehova! ngoba owesaba uNkulunkulu uphelile; ngoba abathembekileyo baphelile phakathi kwabantwana babantu.


Baphambukisa abampofu endleleni; abampofu bomhlaba bacasha kanyekanye.


Ngoba ngasindisa abampofu ababekhala, nezintandane nabangenalutho lokumsiza.


Nganginguyise kwabampofu, futhi indaba engangingayazi ngangiyiphenya.


Ukube abantu betende lami bebengashongo ukuthi: ‘O, ukube besinayo inyama yakhe! angeke saneliseke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite