Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 3:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangaliboni phezulu, nokukhanya makungasikhanyiseli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangalunaki ephezulu, ukukhanya makungakhanyiswa kulo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Lolo lusuku malube ngubumnyama, uNkulunkulu ephezulu makangalunaki, ukukhanya makungakhanyi kulo.

Gade chapit la Kopi




UJobe 3:4
9 Referans Kwoze  

Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso wakhe waba mnyama; baluma ulimi lwabo ngenxa yobuhlungu.


Kwathi kungabonanga ilanga nezinkanyezi izinsuku eziningi, nesiphepho esingesincane sinamandla, lase laphela lonke ithemba lokuthi singasindiswa.


Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Maye kinina enifisa usuku lukaJehova! kuyini kuwe na? usuku lukaJehova luwubumnyama, alukona ukukhanya.


usuku lobumnyama nolobumnyama, usuku lwamafu nesigayegaye, njengokusa kwekweba phezu kwezintaba, abantu abakhulu nabanamandla; akukaze kube khona into enjalo, futhi ayisayikuba khona kuze kube yiminyaka yezizukulwane eziningi.


Izwe uJehova uNkulunkulu wakho alinakekelayo; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo, kusukela ekuqaleni konyaka kuze kube sekupheleni konyaka.


Kalubhubhe usuku engazalwa ngalo, lobusuku okwathiwa ngabo: Kukhulelwe umntwana wesilisa.


Ubumnyama nethunzi lokufa makulingcolise; ifu malihlale phezu kwalo; ubumnyama bemini mabulwesabise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite