Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 29:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Isibusiso sobesabhubha sehlela phezu kwami, ngenza inhliziyo yomfelokazi ijabule.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami; ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Isibusiso sowayesezobhubha sasehlela kimi, ngayenza yahuba ngenjabulo inhliziyo yomfelokazi.

Gade chapit la Kopi




UJobe 29:13
16 Referans Kwoze  

Ngokuba sinentokozo enkulu nenduduzo othandweni lwakho, ngokuba izibilini zabangcwele zivuselelwe ngawe, mzalwane.


Kuyakuthi ngalolo suku kukhale icilongo elikhulu, bafike abase-Asiriya abaxoshwa ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.


Abafelokazi wabamukisa bengenalutho, nezingalo zezintandane zaphulwa.


Bhekani, izinceku zami ziyakuhlabelela ngokuthokoza kwenhliziyo, kepha nina niyokhala ngokudabuka kwenhliziyo, nikhale ngokudabuka komoya.


Izizwe mazijabule, zijabule, ngokuba wena uyakwahlulela abantu ngokulunga, ubuse izizwe emhlabeni. Sela.


Uzakhuluma uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ubaba wayengumAramu owayezabhubha, wehlela eGibhithe, wahlala khona njengowezizwe labayingcosana; njalo lapho induna enkulu yaba ngumuntu olamandla njalo elabantu abanengi isizwe.


Noma kunjalo, kumelwe ubuyisele kuye isibambiso lapho ilanga lishona, ukuze alale engutsheni yakhe futhi akubusise; lokhu kuyakuba ngukulunga kwenu phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu.


Uthokoze phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi osemasangweni akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ophakathi kwakho kuleyo ndawo. UJehova uNkulunkulu wakho ayikhethileyo ukumisa igama layo khona.


Ogodla ukolweni, abantu bayamqalekisa; kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisayo.


UNawomi wathi kumalokazana wakhe: “Makabusiswe lowo kuJehova ongayekanga umusa wakhe kwabaphilayo nakwabafileyo. UNawomi wathi kuye: “Lo muntu useduze nathi, omunye wegazi lethu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite