Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 27:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulela kwami; noSomandla owakhathaza umphefumulo wami;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulelwa kwami, noSomandla owenze munyu umphefumulo wami,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Ngifunga ngiyagomela, uNkulunkulu ongephuce ubulungiswa bami, noSomandla owenze waba muncu umphefumulo wami;

Gade chapit la Kopi




UJobe 27:2
26 Referans Kwoze  

Ngokuba uJobe wathi: “Ngilungile, kepha uNkulunkulu uthathe ukulunga kwami.”


Esefikile kumuntu kaNkulunkulu entabeni, wambamba ezinyaweni; kodwa uGehazi wasondela ukuze amsunduze. Wayesethi umuntu kaNkulunkulu: “Makame; ngokuba umphefumulo wakhe ukhathazekile phakathi kwakhe, uJehova ungifihlele, kazange akwazise kimi.


Kodwa kuphila kwami, umhlaba wonke uzagcwala inkazimulo yeNkosi.


Wothi kubo: Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, kangithokozi ngokufa komubi; kodwa ukuthi omubi aphenduke endleleni yakhe nokuphila. Ngoba lizafelani lina ndlu kaIsrayeli?


Njalo uba befunda lokufunda izindlela zabantu bami, ukufunga ngebizo lami: Kuphila kukaJehova! njengoba bafundisa abantu bami ukufunga uBhali; khona-ke bayakwakhiwa phakathi kwabantu bami.


Noma bengathi: Kuphila kukaJehova! impela bafunga amanga.


Uzafunga uthi: Kuphila kukaJehova ngeqiniso, ngokulunga langokulunga; izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizidumise Ngaye.


Usholoni, Jakobe, uthi, Israyeli: Indlela yami isithekile kuJehova, nokulunga kwami kudlulile kuNkulunkulu wami?


Kuhle yini kuwe ukuthi ucindezele, udelele umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kweseluleko sababi?


Akavumi ukuba ngiphefumule, kepha uyangigcwalisa ngomunyu.


Wayesethi u-Eliya: “Kuphila kukaJehova Sebawoti engimi phambi kwakhe, ngiyakuzibonakalisa kuye namuhla.


U-Eliya waseThishibi, owabakhileyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, kule minyaka akuyikuba khona mazolo noma imvula, ngaphandle kwezwi lami.


Wayesethi uJowabe: “Kuphila kukaNkulunkulu, uma ungakhulumanga, abantu bebeyakukhuphuka nokukhuphuka ekuseni, kube yilowo nalowo kubafowabo emva kwakhe.”


Ngokuba kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owangivimbela ukuba ngikulimaze, uma ubungasheshanga ukuza ukungihlangabeza, impela, ngabe akasalanga uNabali ekukhanyeni kokusa uJehova angazange amshaye udonga.


Ngakho-ke, nkosi yami, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, lokhu uJehova ukuvimbile ukuba ungezi ukuchitha igazi nokuziphindisela ngesandla sakho, izitha zakho nabenza okubi mazifune iNkosi yami, njengoNabali.


Bheka, ngithuma umfana othi: ‘Hamba ufune imicibisholo. Uma ngiqinisile ngithi kumfana: Bheka, imicibisholo ingaphesheya kwakho, yithathe; bese uyafika, ngokuba kukhona ukuthula kuwe akukho bubi; ngeqiniso kuphila kukaJehova.


Abantu base bethi kuSawule: “Uyakufa uJonathani yini owenze lokhu kusindiswa okukhulu kwa-Israyeli na? makube kude lokho; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nonwele lwekhanda lakhe; ngoba usebenze noNkulunkulu namuhla. Abantu bamsindisa uJonathani, ukuze angafi.


Ngokuba kuphila kukaJehova ohlenga u-Israyeli, noma sikuJonathani indodana yami, uyakufa nokufa. Kodwa kwakungekho muntu phakathi kwabo bonke owamphendula.


Hlala ngalobu busuku; kuyakuthi ekuseni, uma ekwenzela isihlobo, kuhle; makenze ingxenye yesithukulu; kepha uma engenzi isabelo somhlengi kuwe, ngiyakwenza isabelo somhlengi kuwe, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.


UNkulunkulu wanginikela kwababi, wanginikela esandleni sababi.


Manje yazini ukuthi uNkulunkulu ungijikile wangihaqa ngenetha lakhe.


Ngoba uNkulunkulu uyayithambisa inhliziyo yami, futhi uSomandla uyangithukuthelisa.


Ucabanga ukuthi kuqondile yini ukuthi: Ukulunga kwami kungaphezu kokukaNkulunkulu?


Niyakuchitha nokwahlulela kwami na? Uzangilahla yini, ukuze ulunge?


Ngoba uyangephula ngesiphepho futhi andise amanxeba ami ngaphandle kwesizathu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite