Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 27:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ingabe uyojabula ngoSomandla? uyokhuleka njalo kuNkulunkulu na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Uyakuthokoza ngoSomandla, ambize uNkulunkulu ngezikhathi zonke, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Uyakuthokoza yini ngoSomandla, ambize uNkulunkulu ngezikhathi zonke na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 27:10
14 Referans Kwoze  

Zithokozise ngoJehova; futhi uzokunika okufiswa yinhliziyo yakho.


ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;


umuntu okholwayo nowesaba uNkulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.


Wayesebatshela nomfanekiso wokuthi kufanele bakhuleke njalo, bangadangali;


Kodwa kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana; kuthi sekuvele usizi nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane.


Kepha mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabule kuNkulunkulu wensindiso yami.


Khona ngiyakuya e-altare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu intokozo yami enkulu; yebo, ethafeni ngiyakukudumisa, Nkulunkulu Nkulunkulu wami.


Ngiyakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu; angiyikufihla okukuSomandla.


Kepha akakho othi: “Uphi uNkulunkulu, uMdali wami, ohuba ebusuku na?”


Khona uyakuthokoza ngoJehova; ngiyakukwenza ukuba ukhwele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikusekele ngefa likayihlo uJakobe, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


Bonke abenzi bokubi abanakwazi na? abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite