Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 26:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, nokubhujiswa akunasimbozo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe, nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, asikho isembozo sendawo yokubhubha.

Gade chapit la Kopi




UJobe 26:6
17 Referans Kwoze  

Indawo yabafileyo nencithakalo kuphambi kukaJehova; kakhulu kangakanani kunezinhliziyo zabantwana babantu?


Lapho ngikhuphukela ezulwini, ulapho; lapho ngendlala umbhede wami esihogweni, bheka, Ukhona.


Noma bemba endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubathatha; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.


Ukubhujiswa nokufa kuthi: “Sizwile umbiko wakho ngezindlebe zethu.”


Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.


Isihogo esingaphansi silungiselelwe wena ukuba sikuhlangabeze ekufikeni kwakho; kwabangela ukuba wonke amakhosi ezizwe aphakame ezihlalweni zawo zobukhosi.


Uma ngithi: Impela, ubumnyama buyangisibekela; nobusuku buyakuba ngukukhanya phezu kwami.


Uyafuna ukwenza izimangaliso kwabafileyo na? abafileyo bayakuvuka, bakudumise na? Sela.


Ngubani ovimbile ukuba ngimbuyisele? konke okuphansi kwezulu lonke kungokwami.


Kuphakeme njengesibhakabhaka; yini ongayenza ujule kunesihogo; yini ongakwazi.


Zazinenkosi phezu kwazo, ingelosi yakwalasha, egama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi uApoliyoni.


Ngokuba manje ngabe ngilele ngithule, ngabe ngilele; ukube ngangizolile ngaleso sikhathi,


abanyakazisa izintaba, bona abazi; obagumbuqela ngentukuthelo yakhe.


Ngoba kungumlilo odla kuze kube sekubhujisweni futhi oyoqeda yonke imikhiqizo yami.


Amasango okufa uwavulelwe na? Uke wayibona iminyango yethunzi lokufa na?


Indawo yabafileyo nokubhujiswa akugcwali; kanjalo amehlo omuntu awasuthi.


Wembula okujulileyo nokufihliweyo: uyakwazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlala kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite