Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 20:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Lapho esesuthisa isisu sakhe, uNkulunkulu uzathululela phezu kwakhe ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe ngesikhathi esidla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe, uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe esekudleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 UNkulunkulu uyakugcwalisa isisu sakhe ngezinhlupheko, anise ukuvutha kwentukuthelo yakhe phezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 20:23
12 Referans Kwoze  

Inyama isaphakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, intukuthelo kaJehova yavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokushaywa okukhulu kakhulu.


Uma ningalaleli, futhi uma ningakubekeli enhliziyweni ukunika igama lami udumo, usho uJehova Sebawoti, ngiyakuthuma phezu kwenu isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu; yebo, sengikwenzile. Waziqalekisa, ngokuba awukubeki enhliziyweni.


Inhliziyo yami yabhoboza, ukwesaba kwangethusa; ubusuku bentokozo yami baphenduka bangesaba.


Unisa phezu kwababi izihibe, umlilo, nesibabule, nesiphepho esinamandla; lokhu kuyakuba yisabelo sendebe yabo.


UMose wayeselula intonga yakhe ezulwini, uJehova wathumela ukuduma nesichotho, nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wanisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe.


UJehova wanisa isibabule nomlilo phezu kweSodoma neGomora kuvela ezulwini;


Uzakuthi ebantwini: Zingcweliseni kusasa, lizakudla inyama; ngoba nakhala phambi kukaJehova, lathi: Ngubani ozasipha inyama sidle? ngoba kwakusihambela kuhle eGibhithe; ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nidle.


Noma ewuyeka futhi engawushiyi; kodwa lithule emlonyeni wakhe.


Kodwa inyama yakhe iguqukile ezibilinini zakhe, iyinyongo yamabululu phakathi kwakhe.


Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe-yisililo, nazo zonke izingoma zenu zibe isililo; ngiyakwenza ukuba kukhuphuke indwangu yesaka ezinkalweni zonke nempandla emakhanda onke; ngiyakukwenza kube njengesililo sendodana eyodwa, nokuphela kwakho kube njengosuku olubabayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite