Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 2:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wayesethi uJehova kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; kodwa usindise impilo yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; gcina ukuphila kwakhe kodwa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 USimakade wayesethi kuSathane: “Kulungile-ke, ngimnikela esandleni sakho, kodwa ungalinge uthinte umphefumulo wakhe.”

Gade chapit la Kopi




UJobe 2:6
15 Referans Kwoze  

Anifikelwa ukulingwa okuvamile kubantu, kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu; kepha kanye nokulingwa uyakunenza nendlela yokuphunyuka, nize nibe-namandla okukuthwala.


UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; ungabeki isandla sakho kuye. USathane wayesesuka ebusweni bukaJehova.


Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.


Njalo nxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane uzakhululwa entolongweni yakhe;


othulisa ukuhlokoma kolwandle, ukuhlokoma kwamaza abo nokuhlokoma kwabantu.


Futhi ukuze ngingaziphakamisi ngokungaphezu kwesilinganiso ngobuningi bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane ukuba ingishaye, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.


Kepha manje yelula isandla sakho, uthinte emathanjeni akhe nasenyameni yakhe, uyakukuthuka ebusweni bakho.


USathane wayesesuka ebusweni bukaJehova, wamshaya uJobe ngamathumba, kusukela ematheni ezinyawo zakhe kuze kufike okhakhayini.


Wathi: “Ngiyakuphuma, ngibe ngumoya wamanga emlonyeni wabo bonke abaprofethi bakhe.” UJehova wathi: “Mlingeni, niyakumnqoba nani; phuma wenze njalo.


Kepha manje yelula isandla sakho, uthinte konke anakho, uyakukuthuka ebusweni bakho.


Ukuphila kungaphezu kokudla, nomzimba mkhulu kunesambatho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite