Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 12:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Uyambula izinto ezijulileyo ebumnyameni, akhiphe ithunzi lokufa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Uyambula izinto ezijulileyo ebumnyameni, akhiphele ekukhanyeni ithunzi lokufa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Wembula izinto ezijulileyo ebumnyameni, aveze obala izinto ezisebumnyameni obukhulu.

Gade chapit la Kopi




UJobe 12:22
15 Referans Kwoze  

Wembula okujulileyo nokufihliweyo: uyakwazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlala kuye.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.


Kodwa uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya wakhe;


Ubumnyama nethunzi lokufa makulingcolise; ifu malihlale phezu kwalo; ubumnyama bemini mabulwesabise.


Ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, ukuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.


Mfuneni owenza izinkanyezi eziyisikhombisa ne-Oriyoni, ophendula ithunzi lokufa libe ukusa, afiphaze imini nobusuku, obiza amanzi olwandle, awathululele emhlabeni: nguJehova igama lakhe.


Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okumboziwe okungayikwambulwa; lokufihliweyo, okungasoze kwaziwa.


Abukho ubumnyama nethunzi lokufa lapho abenzi bobubi bengacasha khona.


Yebo, ubumnyama abucasuki kuwe; kepha ubusuku bukhanya njengemini: ubumnyama nokukhanya kungokwenu.


UNkulunkulu ngeke yini alihlole? ngoba yena uyazazi izimfihlo zenhliziyo.


Ngokuba ukusa kunjengethunzi lokufa kubo; uma ekhona ozaziyo, usekwesabeni lethunzi lokufa.


Futhi ukuze akubonise izimfihlo zokuhlakanipha, ukuthi kuphindwe kabili lokho okuyikho! Yazi-ke ukuthi uNkulunkulu ufuna okuncane kuwe kunalokho okufanele ukona kwakho.


Yathi enye yezinceku zayo: “Makungabikho noyedwa, nkosi yami, nkosi, kuphela u-Elisha umprofethi okwa-Israyeli ongatshela inkosi yakwa-Israyeli amazwi owakhuluma ekamelweni lakho.


Uma ngithi: Impela, ubumnyama buyangisibekela; nobusuku buyakuba ngukukhanya phezu kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite