Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 12:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Uyabahola abeluleki abaphangiwe, enze abahluleli babe iziwula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Umukisa abaluleki bephangiwe; uyenza abahluleli babe yiziwula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Uyaphuca abeluleki ukuhlakanipha, enze abehluleli babe yiziwula.

Gade chapit la Kopi




UJobe 12:17
10 Referans Kwoze  

Ngakho-ke bheka, ngizoqhubeka ngenza umsebenzi omangalisayo phakathi kwalaba bantu, umsebenzi omangalisayo nezimangaliso, ngokuba ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakubhubha, nokuqonda kwabahlakaniphileyo babo kuyakufihlwa.


U-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, waya endlini yakhe emzini wakubo, wayala indlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


Umhlaba unikelwe esandleni sababi; Uyasibekela ubuso babahluleli bakhe; uma kungenjalo, uphi futhi ubani?


Kanye namakhosi nabeluleki bomhlaba abazakhela izindawo eziyincithakalo;


U-Abisalomu nawo onke amadoda akwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi um-Arki singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli. Ngokuba uJehova wanquma ukuchitha iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ngenjongo yokuthi uJehova uzomehlisela okubi u-Abisalomu.


Kwasekubikelwa uDavida, kwathiwa: UAhithofeli uphakathi kwamagobe kaAbisalomu. UDavide wathi: “Jehova, guqula icebo lika-Ahithofeli libe ubuwula.


Yangihlubula inkazimulo yami, yathatha umqhele ekhanda lami.


Futhi wawaqinisa amazwi akhe awakhuluma ngokumelene nathi nabahluleli bethu ababesiqondisa ngokuletha inhlekelele enkulu phezu kwethu, ngoba ngaphansi kwalo lonke izulu akuzange kwenzeke njengaseJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite