Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 12:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Osesandleni sakhe umphefumulo wezidalwa zonke eziphilayo kanye lomoya wabo bonke abantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Esandleni sakhe ukhona umphefumulo wakho konke okuphilayo, nomoya wenyama yabantu bonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Esandleni sakhe kukhona imiphefumulo yakho konke okuphilayo, kanjalo nomoya wabo bonke abaphilayo.

Gade chapit la Kopi




UJobe 12:10
17 Referans Kwoze  

Ngokuba kuye siphila, siyanyakaza, sikhona; njengalokhu izimbongi ezithile zakini zishilo ukuthi: Ngokuba nathi siyinzalo yakhe.


UMoya kaNkulunkulu wangenza, lokuphefumula kukaSomandla kwangiphilisa.


Kakhonzwa ngezandla zabantu njengoswela ulutho, yena onika bonke ukuphila lokuphefumula lakho konke;


Bawa ngobuso babo, bathi: “O Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu oyedwa, uthukuthelele lonke ibandla na?”


Njalo umoya wami ukumi, lomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami;


Kodwa wena uziphakamisile eNkosini yezulu; aletha izitsha zendlu yakhe phambi kwakho, wena nezikhulu zakho, omkekho, nezancinza zakho naphuza ngazo iwayini; utusile onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabemithi, nabetshe, abangaboniyo, abangezwa, nabangazi; futhi uNkulunkulu okuphefumula kwakho kusesandleni sakhe, futhi owakhe zonke izindlela zakho, awumkhazimulisanga.


Uyasitheza ubuso bakho, bayathuthumela; Uyawususa umoya wazo, ziyafa, zibuyele othulini lwazo.


INkosi uNkulunkulu yabumba umuntu ngothuli lomhlaba, yaphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.


Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.


Bheka, ngiletha uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; nakho konke okusemhlabeni kuyakufa.


Ngoba liyini ithemba lomzenzisi, lanxa ezuza, uba uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe?


Ngalokho ngacabanga enhliziyweni yami ukuba ngimemezele konke lokhu ukuthi abalungileyo nabahlakaniphileyo kanye nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; akakho owazi uthando nenzondo kukho konke okuphambi kwakhe.


Usho kanje uNkulunkulu uJehova, owadala, oweneka izulu; owendlala umhlaba nokuphuma kuwo; onika abantu abakulo ukuphefumula, nabahamba kulo umoya;


Uyathuma uMoya wakho, zidalwe, wenze bube busha ubuso bomhlaba.


Ngokuba ngeke ngilwe ingunaphakade, futhi ngeke ngihlale ngithukuthele, ngokuba umoya uyohluleka phambi kwami kanye nemiphefumulo engiyenzile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite