Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 9:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Mabasheshe basikhalele, ukuze amehlo ethu ehle izinyembezi, nezinkophe zethu zigeleze amanzi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 basheshe basikhihlele isililo, ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi, nezinkophe zethu ziphophoze amanzi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 mabasheshe basikhihlele isililo, ukuze amehlo ethu agobhoze izinyembezi, izinkophe zethu ziphophoze amanzi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 9:18
19 Referans Kwoze  

Ngakho wokhuluma leli zwi kubo; Amehlo ami mawageleze izinyembezi imini nobusuku, angayeki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, yephukile ngezinyembezi ezinkulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.


O, ikhanda lami ngabe amanzi, namehlo ami abe ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhale imini nobusuku ngenxa yababuleweyo bendodakazi yabantu bakithi!


Ngalokho ngathi: “Ningangibheki; Ngiyakukhala kamunyu, ngingakhathali ukungiduduza, ngokuphangwa kwendodakazi yabantu bami.


Izinhliziyo zabo zakhala eNkosini, wena ludonga lwendodakazi yaseSiyoni, izinyembezi mazigeleze imini nobusuku njengomfula; ungayeki inhlamvu yeso lakho.


Amehlo ami ayaphela izinyembezi, izibilini zami ziyathuthumela, isibindi sami silahlwe emhlabeni ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami; ngokuba abantwana nabancane bayaquleka emigwaqweni yomuzi.


Ukhala kakhulu ebusuku, izinyembezi zakhe zisezihlathini zakhe; phakathi kwazo zonke izithandwa zakhe akakho omduduzayo; bonke abangane balo bamkhohlisile, baba yizitha zalo.


Kodwa uma ningakuzwa, umphefumulo wami uyokhala ekusithekeni ngenxa yokuzidla kwenu; iso lami liyokhala kamunyu, lehle izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.


Ngakho yizwani izwi likaJehova nina besifazane, nilalele izwi lomlomo wakhe, nifundise amadodakazi enu isililo, kube yilowo nalowo komakhelwane bakhe ingoma yokulila.


Phezu kwezintaba ngiyophakamisa ukukhala nokulila, nesililo phezu kwezindawo zokuhlala zasogwadule, ngoba zishisiwe, ukuze kungabikho muntu odlula kuzo; futhi abantu abakwazi ukuzwa izwi lezinkomo; kwabaleka izinyoni zezulu nezilwane; sebehambile.


O ndodakazi yabantu bami, bhinca izingubo zokulila, uzigoqe ngomlotha; ulilele njengendodana eyodwa, isililo esimunyu, ngokuba ngokuzumayo umchithi uyakusehlela.


Esesondele wawubona umuzi, wawukhalela;


Kugeleza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


Nquma izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, uphakamise isililo phezulu; ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane solaka lwayo.


Iso lami liyageleza emifuleni yamanzi ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uJehova, uthi: Kuyakuba khona ukulila ezitaladini zonke; futhi kuyo yonke imigwaqo bayothi: Maye! maye! futhi bayobiza umlimi ukuba alile, nalabo abakwaziyo ukusuka ekulileni baye ekulileni.


Ngokuba ihlazo liwuqedile umshikashika wawobaba kwasebusheni bethu; izimvu zabo, nezinkomo zabo, namadodana abo namadodakazi abo.


Silala phansi sinamahloni, ihlazo lethu lisibekele; ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.


Kumenyezelwa incithakalo phezu kokubhujiswa; ngokuba izwe lonke selichithekile; kungazelelwe amatende ami abhidlika nezilenge zami ngokuphazima kweso.


Kufanele ngithatheni ukuze ngifakaze kini? Ngingafanisa nani ndodakazi yaseJerusalema na? ngiyakubonani kuwe, ukuze ngikududuze, ndodakazi yaseSiyoni na? ngoba ukufohla kwakho kukhulu njengolwandle; ngubani ongakuphilisa?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite