Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kungani laba bantu baseJerusalema behlehliswa ukuhlubuka kwaphakade? babambelele enkohliso, bayala ukubuya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bahlehlelani laba bantu baseJerusalema ngokuhlehla njalonjalo na? Babambelela enkohlisweni, bala ukubuya.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Pho kungani laba bantu baseJerusalema bephendukile, bahlubuka njalonjalo na? Babambelela enkohlisweni, benqaba ukubuya.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:5
26 Referans Kwoze  

Indawo yakho yokuhlala iphakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayala ukungazi, usho uJehova.


Jehova, amehlo akho awagxilile eqinisweni na? Wabashaya, kepha abadabukanga; Wabaqeda, kepha bala ukujeziswa; benza ubuso babo baba lukhuni kunedwala; bala ukubuya.


Kodwa bala ukulalela, basusa amahlombe abo, bavala izindlebe zabo ukuze bangezwa.


Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;


Kodwa anithandi ukuza kimi, ukuze nibe nokuphila.


Abantu bami bavame ukumuka kimi; noma bebiza koPhezukonke, akekho oyomphakamisa.


Njengendlwana yezinyoni igcwele izinyoni, kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso; ngakho-ke baba bakhulu futhi baceba.


Ukhuphula umlotha; inhliziyo ekhohlisayo imjikisile, ukuze angakwazi ukusindisa umphefumulo wakhe futhi angasho ukuthi: Akukho manga esandleni sami sokunene na?


abathi kubaboni: Ningaboni; nakubaprofethi: Ningasiprofethi izinto eziyiqiniso, khulumani izinto ezibushelelezi, profethani inkohliso;


Kepha lokho eninakho kubambisiseni ngize ngifike.


Hlolani izinto zonke; bambelelani kokuhle.


Ngokuba u-Israyeli uwile njengethokazi elinhlanhlathayo; manje uJehova uyakuzalusa njengewundlu endaweni ebanzi.


Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ingubo yakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


Kepha uma nala, nihlubuka, niyakuqedwa ngenkemba, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


Bambelela ekulayweni; ungamyekeli ahambe; mlondoloze; ngoba uyimpilo yakho.


Ngakho ingonyama yasehlathini iyababulala, impisi yakusihlwa iyakubaphanga; ingwe iyakulinda imizi yabo, bonke abaphuma khona badwengulwe, ngokuba iziphambeko zabo nezinengiso zabo ziningi iyanda.


O Jehova, noma sifakaza ukungalungi ngathi, kwenze ngenxa yegama lakho; ngokuba izizono zethu ziningi; sonile kuwe.


Yebo, wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, yebo, ngokuhamba, ukuze angalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululelwe phezu kwethu nesifungo esilotshwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.


Uyakugcina intukuthelo yakhe kuze kube phakade na? uyohlala kuze kube sekupheleni? Bheka, ukhulumile futhi wenza okubi njengoba ubungakwenza.


Ngabeka abalindi phezu kwenu, ngathi: Lalelani ukukhala kwecilongo. Kodwa bathi: Ngeke silalele.


Zwana, mhlaba, bheka, ngehlisela okubi phezu kwalaba bantu, yebo, isithelo semicabango yabo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami nomthetho wami, kepha bawulahla.


Kayikubuyela elizweni leGibhithe, kodwa iAsiriya lizakuba yinkosi yayo, ngoba bala ukubuya.


Manje banezela ukona, bazenzela izithombe ezibunjiwe ngesiliva labo nezithombe njengokuqonda kwabo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti; bathi ngazo: Abahlabayo mabanga amathole.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite