Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bayowendlala phambi kwelanga nenyanga naphambi kwebandla lonke lasezulwini ababelithanda nababelikhonza, ababelilandela, ababelifuna, bekhuleka; abayikubuthwa, bangangcwatshwa; bazakuba semhlabeni ukuze babe ngumquba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 ‘Bayowaneka elangeni nasenyangeni nakuzo zonke izinkanyiso zezulu, ababekuthanda, bekukhonza, bekulandela, bebuza kukho, futhi bekhuleka kukho. Awayukubuthwa, awayukwembelwa; ayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:2
32 Referans Kwoze  

Wabadiliza abapristi abakhonza izithombe amakhosi akwaJuda ayebamisile ukuba bashunqise umusi ezindaweni eziphakemeyo emizini yakwaJuda nasezindaweni zaseJerusalema nxazonke; nabashunqisela uBali, nelanga, nenyanga, namaplanethi, nalo lonke ibandla lasezulwini.


UNkulunkulu wayesephenduka, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu; njengokulotshiweyo egwalweni lwabaprofethi ukuthi: Lina ndlu kaIsrayeli, lanikela kimi yini iminikelo lemihlatshelo okweminyaka engamatshumi amane enkangala?


Wothi: ‘Isho kanje iNkosi, ithi: Ngisho nezidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesandla emva komvuni, kungabikho ozibuthayo.


futhi ungaphakamiseli amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga, nenyanga, nezinkanyezi, yebo, lonke ibandla lasezulwini, lixoshwe ukuba likhuleke kuzo, likhonze lezo uJehova UNkulunkulu wahlukanisela izizwe zonke ngaphansi kwalo lonke izulu.


Lalabo abakhonza ibandla lezulu phezu kwezindlu; nabakhuleka kuye, bafunge uJehova, nabafunga ngoMalikamu;


Wangingenisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova; bheka, ekungeneni kwethempeli likaJehova phakathi kompheme ne-altare, kwakukhona amadoda kungathi angamashumi amabili nanhlanu, efulathele ithempeli. Evela kuJehova, nobuso babo bubheke empumalanga; bakhuleka elangeni ngasempumalanga.


Ngakho-ke, itsho njalo iNkosi kaJehoyakhimi, inkosi yakoJuda, ithi: Kayikuba lamuntu ozahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavida, lesidumbu sakhe sizalahlwa ekutshiseni emini lesithwathwa ebusuku.


Uzangcwatshwa ngokungcwatshwa kwembongolo, adonswe alahlwe ngaphandle kwamasango eJerusalema.


Izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda ziyongcoliswa njengendawo yaseThofeti, ngenxa yazo zonke izindlu abashunqisela phezu kwazo umusi ukhuphukele kulo lonke ibutho lasezulwini futhi bathululele iminikelo yokuphuzwa kwabanye onkulunkulu.


Bazakufa kabuhlungu; abayikukhalelwa; futhi kabayikungcwatshwa; kodwa bayoba njengomquba emhlabeni, futhi bayoqedwa ngenkemba nangendlala; futhi izidumbu zabo ziyoba ukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba.


ababhubha e-Endori baba njengomquba emhlabathini.


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera, njengalokho enzile u-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli; lonke ibandla lezulu lakhuleka, lazikhonza.


Ngiyakwehlisela abantu usizi ukuba bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuJehova; igazi labo liyakuchithwa njengothuli, nenyama yabo njengomquba.


Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, nomphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa; Ngithi, ukuzalwa okungakafiki kuhle kunaye.


Wakhela nalo lonke ibandla lasezulwini ama-altare emagcekeni omabili endlu kaJehova.


Bayishiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza isihlahla, bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.


Wahamba wakhonza abanye onkulunkulu, wabakhothamela, ilanga nenyanga noma ibutho lasezulwini engingazange ngibayale ngakho;


Basesaba kakhulu lapho okwakungelakwesaba khona, ngoba uNkulunkulu wawahlakaza amathambo akhe owamisa phezu kwenu; uyabajabhisa, ngokuba uNkulunkulu udelelekile.


Futhi abantu abaprofetha ngabo bayolahlwa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; futhi abayikubangcwaba, bona, omkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngoba ngizathululela ububi babo phezu kwabo.


Uzakuthi kibo: Ngoba oyihlo bangitshiyile, itsho iNKOSI, balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, babakhothamela, bangilahla, kabagcinanga umlayo wami;


Sonke isigodi sezidumbu nesomlotha, nawo wonke amasimu kuze kube semfuleni iKidroni, kuze kufike ekhoneni leSango Lamahhashi ngasempumalanga, kuyakuba ngcwele kuJehova; kayisoze yasitshulwa kumbe yadilizwa futhi.


Ngiyakubeka phansi izidumbu zabantwana bakwa-Israyeli phambi kwezithombe zabo; ngiyakuwahlakaza amathambo enu nxazonke zama-altare enu.


Ngiyakukwenza ukuba uphonseke ehlane, wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho; uyakuwa endle; awuyikubuthwa, ungaqoqwa; ngikunike ukuba ube ngukudla kwezilwane zasendle nokwezinyoni zezulu.


Izikhulu zabo zenze zibe njengo-Orebi noZebi, yebo, zonke izikhulu zabo zibe njengoSheba nanjengoSalimuna.


Ngakho yizwani izwi likaJehova nina besifazane, nilalele izwi lomlomo wakhe, nifundise amadodakazi enu isililo, kube yilowo nalowo komakhelwane bakhe ingoma yokulila.


Ngoba ukufa kukhuphuke emafasiteleni ethu futhi kwangena ezindlini zethu zobukhosi ukuze kunqume abantwana ngaphandle nezinsizwa ezitaladini.


Abakhulu nabancane bayakufa kuleli zwe; abayikungcwatshwa, futhi abayikuzikhalela, abayikuzisika, bangazenze nqunu ngabo.


Abanqotshiweyo nguJehova ngalolo suku bayakuba khona kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kube komunye umkhawulo womhlaba; abayikulilelwa, babuthwe, bangcwatshwe; bazakuba ngumquba emhlabathini.


Niyakuwela endle, ngokuba mina ngikhulumile,” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite