Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Bhekani izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami phezu kwabakhileyo ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Inkosi yayo ayikho kuye na? Bangiklolodelani ngezithombe zabo ezibaziweyo nangezithombe eziyize ezingaziwa na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami livela ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Ayikho inkosi yalo kulo na?” “Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyo nangokuyize kwabezizwe na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Kuyezwakala izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami, livela ezweni elikude, lithi: “USimakade akekho yini eZiyoni na? Inkosi yalo ayikho yini kulo na?” “Bangichukuluzeleni ngezithombe zabo ezibaziweyo, nangokuyize kwabezizwe na?”

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:19
35 Referans Kwoze  

Umprofethi u-Isaya wayesefika enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Batheni laba bantu na? futhi bevelaphi kuwe? Wayesethi uHezekiya: “Beza kimi bevela ezweni elikude, eBabele.


Bavela ezweni elikude, emkhawulweni wezulu, yebo, uJehova nezikhali zolaka lwakhe, ukuba achithe izwe lonke.


Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide;


Kodwa eNtabeni yaseSiyoni kuyoba khona insindiso, futhi kuyoba khona ubungcwele; indlu kaJakobe iyakudla ifa layo.


Ngokuba ngiyakulihlanza igazi labo engingalihlanzanga, ngokuba uJehova uhlala eSiyoni.


Bonke ababiza igama likaJehova bayakusindiswa; ngoba eNtabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyoba khona insindiso, njengoba nje uJehova ekhulumile, nakwabaseleyo bayobizwa uJehova.


Ngokuba kuyakuba khona usuku lapho abalindi ezintabeni zakwa-Efrayimi beyakuthi ngalo: Sukumani sikhuphukele eSiyoni kuJehova uNkulunkulu wethu.


Umlahlile ngokuphelele uJuda? umphefumulo wakho wawuzonda iSiyoni na? usishayeleni, singekho ukuphulukiswa na? besilindele ukuthula, kepha akukho okuhle; nesikhathi sokuphulukiswa, futhi bheka, usizi!


Vuka, vuka; Gqoka amandla akho, Ziyoni. Gqoka izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba kusukela manje kuqhubeke abangasokile nabangcolileyo abasayikungena kuwe.


Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova unguMniki-mthetho wethu, uJehova uyinkosi yethu; uzosisindisa.


Memeza ujabule, wena owakhileyo eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli ophakathi kwakho.


O sizwe esonayo, abantu abasindwa ngobubi, sizukulwane sabenzi bokubi, bantwana abonakele; bamshiyile uJehova, bamklolodela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehla nyovane.


U-Israyeli makajabule ngaye owamenzayo; abantwana baseSiyoni mabajabule ngeNkosi yabo.


UJehova uyakubusa njengenkosi kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Dumisani uJehova.


Makabongwe uJehova eZiyoni, yena ohlala eJerusalema. Dumisani uJehova.


Ngiyakubahlakazela ezizweni bona noyise ababengazazi; ngiyakuthuma inkemba emva kwawo, ngize ngiwaqede.


Athi: “Madoda, nenzelani lokho na? Lathi singabantu abanemizwa efana leyenu, sitshumayela kini ukuthi liphenduke kulezize liphenduke kuNkulunkulu ophilayo, owenza izulu lomhlaba lolwandle lakho konke okukukho.


Ngabazonda abalalela okuyize, kodwa ngethemba uJehova.


Usho kanje uJehova, uthi: “Buni ububi oyihlo ababufumana kimi, baze basuka kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?


Bayangicunula na? usho uJehova; abahlazisi ebusweni babo na?


Ukuvuna kuphelile, ihlobo liphelile, thina asikasindiswa.


Ziyize nomsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwazo ziyakubhubha.


Kungani ungaba njengomuntu omangele, njengeqhawe elingakwazi ukusindisa? kepha wena Jehova uphakathi kwethu, negama lakho libizwé phezu kwethu; ungasishiyi.


Ngokuba baprofetha amanga kini ukuba nikude nezwe lakini; nokuthi bengiyakunixosha, nibhubhe.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela phambi kwami kwasebusheni babo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bangicunule ngomsebenzi wezandla zabo kuphela,” usho uJehova.


Kungaba yizilinganiso eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, igama lomuzi kusukela ngalolo suku lithi: UJehova ukhona.


Manje ukhalelani ngokuzwakalayo? Ayikho inkosi kuwe? ufile umeluleki wakho na? ngoba usizi lukubambile njengobelethayo.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo, baqedwe, behlelwe ububi obuningi nezinsizi; ngalokho bayakuthi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlele yini, lokhu uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?


Ngasemifuleni yaseBabele lapho sahlala khona, yebo, sakhala, lapho sikhumbula iSiyoni.


UJehova usezisusile izahlulelo zakho, usixoshile isitha sakho; inkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; anisayikubona ububi.


Ngokuba bhekani, ngiyakunikina isandla sami phezu kwazo, zibe yimpango yezinceku zazo; niyakwazi ukuthi uJehova Sebawoti ungithumile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite