Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 8:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ukukhala kwamahhashi akhe kwezwakala kwaDani; ngoba bafika balidla ilizwe lakho konke okwakukulo; umuzi nabakhileyo kuwo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ukuthimula kwamahhashi akhe kuyezwakala kwaDani; ngezwi lokuyiyiza kwanamandla akhe izwe lonke liyathuthumela, ngokuba afikile, alidlile izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhe kuwo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ukuthimula kwamahhashi akhe kuzwakele kwaDani; umsindo wokukhala kwamahhashi akhe anamandla kuthuthumelise lonke izwe, ngokuba asefikile, aliqothula izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhileyo kuwo.”

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 8:16
22 Referans Kwoze  

Bawubiza umuzi ngokuthi uDani ngegama likayise uDani owazalelwa u-Israyeli; kodwa igama lomuzi ekuqaleni laliyiLayisi.


Khona-ke izinselo zamahhashi zaphuka ngomzi, ukujikijelwa kwabanamandla bawo.


Kodwa uma umuntu ethi kini: Lokhu kuhlatshelwe izithombe, ningadli ngenxa yalowo okubonisileyo nangenxa kanembeza, ngokuba umhlaba ungoweNkosi nokugcwala kwawo;


Ngokuba umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo.


Izintaba zakubona, zathuthumela; isikhukhula samanzi sadlula; uZamcolo waphakamisa izwi lakhe, waphakamisa izandla zakhe phezulu.


Umsindo wesiswebhu nomsindo wamasondo nowamahhashi agijimayo nowezinqola ezigxumayo.


Ngenxa yomsindo wokunyathela kwezinselo zamahhashi akhe anamandla, nokuduma kwezinqola zakhe, nokuduma kwamasondo akhe, oyise abayikubheka emuva kubantwana babo ngenxa yezandla ezibuthakathaka;


Thela ukufutheka kwakho phezu kwezizwe ongazaziyo, nasezizukulwaneni ezingalibizi igama lakho; ngokuba bamdlile uJakobe, bamshwabadela, bamshwabadela, benza ikhaya lakhe laba yihlane.


Bayakuthatha umnsalo nomkhonto; banonya futhi abanasihe; izwi labo liduma njengolwandle; bagibele amahhashi, behlomele njengamadoda okulwa nawe, ndodakazi yaseSiyoni.


Ngabona izintaba, bheka, zazamazama, namagquma onke anyakaza kahle.


Ihubo likaDavide. Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo; umhlaba nabahlala kuwo.


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yabuthana njengomuntu munye kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


Ungamethusa njengentethe na? inkazimulo yamakhala akhe iyesabeka.


Ngokuba ihlazo liwuqedile umshikashika wawobaba kwasebusheni bethu; izimvu zabo, nezinkomo zabo, namadodana abo namadodakazi abo.


Ziyakudla isivuno sakho nesinkwa sakho, amadodana akho namadodakazi akho azokudla; ziyakudla izimvu zakho nezinkomo zakho; bayakudla izivini zenu nemikhiwane yenu; bayakuyenza ibe mpofu imizi yakho ebiyelweyo abathembele kuyo ngenkemba.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Sizwile izwi lokuthuthumela, elokwesaba, kungengelokuthula.


Ngakho bonke abakudlayo bayakuqedwa; zonke izitha zakho ziyakuya ekudingisweni, kube yileso naleso; okuphangayo uyakuba yimpango, nabo bonke abakuphangayo ngiyakubanikela kube yimpango.


Bayobamba umnsalo nejula; banonya futhi ngeke babonise umusa; izwi labo liyohlokoma njengolwandle, futhi bayogibela amahhashi, yilowo nalowo ebhince izikhali njengendoda yokulwa, ngokumelene nawe, ndodakazi yaseBhabhiloni.


Izwe liyothuthumela futhi lilile, ngoba yonke inhloso kaJehova iyofezwa ngokumelene neBhabhiloni ukwenza izwe laseBhabhiloni libe yihlane elingenamuntu.


Ingonyama yenyuka iphuma ehlathini layo, nomchithi wezizwe usendleleni; uphumile endaweni yakhe ukuze enze izwe lakho libe yihlane; nemizi yenu iyakuba yincithakalo, kungabikho ohlala khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite