Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 7:32 - Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngakho-ke, bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho zingasayikuthiwa iThofeti, nesigodi sendodana kaHinomu, kepha isiGodi sokuBulala; ngoba bayakungcwatshwa eThofeti kuze kungabi khona indawo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, elingasayikubizwa ngazo ngokuthi iThofeti nesigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala, ngokuba bayakumbela eThofeti, lokhu ingekho enye indawo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza, kusho uSimakade, lapho ingaseyukubizwa ngeThofethi nesigodi sendodana kaHinomu, kodwa iSigodi Sokubulala, ngokuba bayakungcwaba eThofethi, kuze kungabe kusaba bikho ndawo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 7:32
10 Referans Kwoze  

Futhi kumelwe uthi kubo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti; Kanjalo ngiyakuphahlaza laba bantu nalo muzi njengokuchoboza umbumbi ongenakuphiliswa futhi; futhi bayolingcwaba eThofeti kuze kungasekho indawo yokungcwaba.


Ngakho bheka, izinsuku ziyeza, kusho uJehova, lapho le ndawo ingasayikubizwa ngokuthi iThofeti, noma isigodi sendodana kaHinomu, kodwa isiGodi Sokubulala.


Wangcolisa iThofeti elisesigodini sabantwana bakwaHinomu ukuba kungabikho muntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni kuMologi.


Izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda ziyongcoliswa njengendawo yaseThofeti, ngenxa yazo zonke izindlu abashunqisela phezu kwazo umusi ukhuphukele kulo lonke ibutho lasezulwini futhi bathululele iminikelo yokuphuzwa kwabanye onkulunkulu.


Bakha izindawo eziphakemeyo zaseThofeti elisesigodini sendodana kaHinomu ukuze bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo; engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni yami.


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume izinsika zenu ezingcwele, ngiphonse izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu, umphefumulo wami unengeka nina.


Uphume uye esigodini sendodana kaHinomu esisesikhaleni sesango lasempumalanga, umemezele khona amazwi engizowakhuluma kini:


Sonke isigodi sezidumbu nesomlotha, nawo wonke amasimu kuze kube semfuleni iKidroni, kuze kufike ekhoneni leSango Lamahhashi ngasempumalanga, kuyakuba ngcwele kuJehova; kayisoze yasitshulwa kumbe yadilizwa futhi.


Ama-altare enu ayoba yihlane, nezithombe zenu zichotshozwe; futhi ngiyonilahla phansi nina eninqotshiwe phambi kwezithombe zenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite