Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 7:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Bayangicunula na? usho uJehova; abahlazisi ebusweni babo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha yimi abangicunulayo yini, usho uJehova: akusibo, buze bujabhe ubuso babo, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Akuyimi yini abamcunulayo, kusho uSimakade na? Akusibo yini uqobo, abaze bazithela ngehlazo na?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 7:19
21 Referans Kwoze  

Siyayivusela umhawu iNkosi na? sinamandla kunaye na?


Kepha uJehova unami njengeqhawe elinamandla; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangahluli; ngokuba abayikuphumelela, ihlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.


Ngoba kuzwakele ilizwi lokulila livela eZiyoni lisithi: Yeka ukuchithwa kwethu! sinamahloni kakhulu, ngokuba silishiyile izwe, ngokuba izindlu zethu zisixoshile.


Ububi bakho buyakusola, nezizondo zakho ziyakusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo ukuthi umshiyile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukwesaba kwami akukho kuwe, isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Bayokuma benamahloni futhi beme benamahloni, bonke;


Ngalokho usho kanje uJehova, uJehova Sebawoti, uMninimandla ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakuzikhulula ezitheni zami, ngiziphindiselele ezitheni zami.


Kepha uma nala, nihlubuka, niyakuqedwa ngenkemba, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


Uma wona, unani kuye na? noma iziphambeko zakho zanda, wenzani kuye na?


Kusukela ezinsukwini zawobaba sisonile kakhulu kuze kube namuhla; futhi ngenxa yeziphambeko zethu, thina, amakhosi ethu nabapristi bethu, sanikelwa esandleni samakhosi amazwe enkembeni, ekuthunjweni nasekuphangweni nasekujabheni ubuso, njengoba kunjalo namuhla.


Bamvusela umhawu ngonkulunkulu bezizweni, bamcunula ngezinengiso.


Awuzenzelanga lokho ngokushiya uJehova uNkulunkulu wakho lapho ekuhola endleleni na?


Bhekani izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami phezu kwabakhileyo ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Inkosi yayo ayikho kuye na? Bangiklolodelani ngezithombe zabo ezibaziweyo nangezithombe eziyize ezingaziwa na?


Owazala abayisikhombisa uyabuna; waphela umoya; ilanga lakhe lashona kusesemini; wema enamahloni, wema enamahloni; insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni phambi kwezitha zabo,” usho uJehova.


Umoya uyakuqeda bonke abelusi bakho, nezithandwa zakho ziya ekuthunjweni; impela lapho uyakuba namahloni, ube namahloni ngabo bonke ububi bakho.


Kodwa aningilalelanga, usho uJehova; ukuze ningigcone ngemisebenzi yezandla zenu kube ukulimaza kwenu.


Ngenxa yobubi babo ababenzayo ukungithuka, ngokuya bashisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu ababengabazi, bona, nina, nawoyihlo.


Wafeba nabaseGibithe, abakhelwane bakho, abakhulu ngenyama; ngandisa ubufebe bakho ukuze ungicunule.


Silala phansi sinamahloni, ihlazo lethu lisibekele; ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite