Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 7:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kodwa khathesi hambani liye endaweni yami eyayiseShilo, lapho engabeka khona ibizo lami kuqala, libone engakwenzayo kuyo ngenxa yobubi babantu bami uIsrayeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “ ‘Kepha hambani niye endaweni yami eShilo, lapho ngalibeka khona igama lami kuqala, nibone engakwenzayo kuyo ngenxa yobubi babantu bami u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 “ ‘Kepha ake nihambe niye endaweni yami eShilo, lapho ngaqala khona ukubeka iGama lami, nibone engakwenza kuyo ngenxa yobubi babantu bami, u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 7:12
13 Referans Kwoze  

Ngiyakwenza le ndlu ibe njengeShilo, ngenze lo muzi ube yisiqalekiso kuzo zonke izizwe zomhlaba.


Inhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwabo.


Wathi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”


Bazimisela isithombe esibaziweyo sikaMika abesenze ngaso sonke isikhathi indlu kaNkulunkulu iseShilo.


Lowo muntu wenyuka emzini wakubo iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova Sebawoti eShilo. Kwakukhona lapho amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, abapristi bakaJehova.


Kuyakuba khona indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba ahlale kuyo igama lakhe; lapho uyakuletha konke engikuyala ngakho; iminikelo yenu yokushiswa nemihlatshelo yenu, okweshumi kwenu nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu nazo zonke izithembiso zenu zekhethelo enizenza kuJehova.


Kodwa endaweni uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba amise igama lakhe kuyo, ngisho nalapho ehlala khona kumelwe nifune, futhi niyofika lapho.


UJoshuwa wabenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova, uJoshuwa wababela khona izwe abantwana bakwa-Israyeli ngokwezabelo zabo.


Ngalokho ngiyakwenza kule ndlu ebizwa ngegama lami, eniyethembayo, nakuyo indawo engayinika nina nawoyihlo, njengalokho ngenza eShilo.


Ngiyakumchitha u-Israyeli ezweni engimnike lona; lendlu engiyingcwelisele igama lami, ngiyoyilahla ebusweni bami; u-Israyeli uyakuba yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite