Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Bayakuthatha umnsalo nomkhonto; banonya futhi abanasihe; izwi labo liduma njengolwandle; bagibele amahhashi, behlomele njengamadoda okulwa nawe, ndodakazi yaseSiyoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa, izwi labo liduma njengolwandle, bakhwele amahhashi, behleliwe njengabantu abayakulwa, behlelelwe ukulwa nawe ndodakazi yaseSiyoni.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa, izwi labo liduma njengolwandle, bagibele amahhashi, bahleliwe njengamabutho eyokulwa, bahlelelwe ukulwa nawe, ndodakazi uZiyoni.”

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:23
21 Referans Kwoze  

Iminsalo yabo iyakuchoboza izinsizwa; futhi ngeke bahawukele isithelo sesisu sikanina; iso labo aliyikubahawukela abantwana.


Bayobamba umnsalo nejula; banonya futhi ngeke babonise umusa; izwi labo liyohlokoma njengolwandle, futhi bayogibela amahhashi, yilowo nalowo ebhince izikhali njengendoda yokulwa, ngokumelene nawe, ndodakazi yaseBhabhiloni.


Zonke izithandwa zakho sezikukhohliwe; abafuni Wena; ngokuba ngikushayé ngomvimbo wesitha, ngokujezisa kononya, ngenxa yobuningi bobubi bakho; ngoba izono zenu zandile.


Umgodla wabo unjengethuna elivulekile, bonke bangamadoda anamandla.


Umuzi wonke uyawubalekela umsindo wabamahhashi nabacibishelayo; bayakungena emahlathini, bagibele emadwaleni; yonke imizi iyakushiywa, kungahlali muntu kuyo.


Bheka, uyenyuka njengamafu, nezinqola zakhe zinjengesivunguvungu; amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithi! ngoba sonakele.


Ngiyakubanikela abaseGibithe esandleni senkosi enesihluku; futhi inkosi enesihluku iyobusa phezu kwabo, kusho uJehova, uJehova Sebawoti.


UJehova uyakulethela isizwe esivela kude, emikhawulweni yomhlaba, esindiza ngejubane njengokhozi; isizwe ongayikuzwisisa ulimi lwaso;


Uyakuhlala eNobi ngalolo suku; uyosikisela isandla sakhe entabeni yendodakazi yaseSiyoni, igquma laseJerusalema.


Maye ngobuningi bezizwe ezibanga umsindo njengokuhlokoma kolwandle; nangomsindo wezizwe ezibanga umsindo njengomsindo wamanzi anamandla!


Zilungiseleni impi; vuka sikhuphuke ntambama. Maye kithi! ngoba usuku luyedlula, ngoba amathunzi okuhlwa ayelulekile.


Bhekani, ngiyakuthuma, ngithabathe zonke izizwe zasenyakatho, usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngizilethe phezu kwaleli zwe, naphezu kwabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe ezizungezile, Uyobashaya ngesiqalekiso, abenze isimangaliso, inhlekisa, incithakalo kuze kube phakade.


Ngiyakuthulula phezu kwakho ukufutheka kwami, ngikuvuthele ngomlilo wokufutheka kwami, ngikunikele esandleni sabantu abayizihlakaniphi nabanekhono lokubhubhisa.


Kabize izizwe; bheka, memezelani ngeJerusalema ukuthi abalindi bayeza bevela ezweni elikude, bazwakalise izwi labo ngemizi yakwaJuda.


Ukukhala kwamahhashi akhe kwezwakala kwaDani; ngoba bafika balidla ilizwe lakho konke okwakukulo; umuzi nabakhileyo kuwo.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bheka, okubi kuyakuphuma kwesinye isizwe kuye kwesinye, nesivunguvungu siyavuswa ezindaweni zomhlaba.


Bheka, kuyakuvela abantu enyakatho, isizwe esikhulu, namakhosi amaningi ayakuvuswa ezindaweni zomhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite