Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Zwana, mhlaba, bheka, ngehlisela okubi phezu kwalaba bantu, yebo, isithelo semicabango yabo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami nomthetho wami, kepha bawulahla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu, izithelo zemicabango yabo, ngokuba abaqaphelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Yizwa wena mhlaba, bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwalaba bantu, isithelo samacebo abo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:19
37 Referans Kwoze  

Yizwani, mazulu, uzwe, wena mhlaba, ngokuba uJehova ukhulumile, wathi: “Ngondlile ngakhulisa abantwana, kodwa bangihlubukile.


Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse kuNkulunkulu, ukuba mhlawumbe uthethelelwe isizindlo senhliziyo yakho.


Mina, Jehova, ngihlola inhliziyo, ngivivinya izinso, ukuze nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengokwezithelo zezenzo zakhe.


Abahlakaniphileyo bayajabha, bayesaba, bavalelwe; bheka, balilahlile izwi likaJehova; kukhona ukuhlakanipha kuni na?


Ongalayo, engawamukeli amazwi ami, unomahlulelayo;


Zwanini nina zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinile, ngokuba uJehova ubambene nabantu bakhe; uyakulwa no-Israyeli.


Nilima ububi, navuna ububi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nathembela endleleni yenu, ngobuningi bamaqhawe enu.


Abantu bami babhubha ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi, nami ngiyakukulahla, ungabi ngumpristi wami; ngoba ukhohliwe umlayo kaNkulunkulu wakho, lami ngizakhohlwa abantwana bakho.


mhlaba, mhlaba, mhlaba, yizwa izwi likaJehova.


Ngizokhuluma nobani ngibaxwayise ukuze bezwe? bheka, izindlebe zabo azisokile, futhi abezwa; bheka, izwi likaJehova liyihlazo kubo; kabathokozi ngakho.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi naphezu kwayo yonke imizi yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benze lukhuni izintamo zabo ukuba bangalaleli amazwi ami.


Ngokuba ngiyazazi izenzo zabo nemicabango yabo; kuyofika lapho ngiyobutha zonke izizwe nezilimi; futhi bazakuza babone inkazimulo yami.


Izinyawo zabo zigijimela ebubini, bashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yobubi; incithakalo nokubhubhisa kusezindleleni zabo.


Osusa indlebe yakhe ukuba angawulaleli umthetho, ngisho nomkhuleko wakhe uyisinengiso.


Imicabango yababi iyisinengiso kuJehova, kodwa amazwi ahlanzekileyo angamazwi amahle.


USamuweli wasesithi kuSawuli: Kangiyikubuya lawe, ngoba ulalile ilizwi leN kosi, njalo iN kosi ikulahlile ukuthi ungabi yinkosi phezu kukaIsrayeli.


Ngokuba ukuhlubuka kufana nesono sokuthakatha, nenkani ingububi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabi yinkosi.


Yizwani nina mazulu, ngikhulume; futhi yizwa, mhlaba, amazwi omlomo wami.


Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kufakaze ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; khethani ukuphila, ukuze niphile wena nenzalo yakho.


Ngifakaza kini namuhla izulu nomhlaba ukuthi niyakubhubha masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukulidla; aniyikuzandisa izinsuku zenu kulo, kepha niyakushaywa ngesiqalekiso.


Zisokeleni kuJehova, nisuse ijwabu lezinhliziyo zenu, madoda akwaJuda nabakhileyo eJerusalema, ukuze ulaka lwami lungaphumi njengomlilo, luvuthe kungekho ongawucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Jerusalema, geza inhliziyo yakho ebubini, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho eyize ihlala kini na?


Ngakho-ke, yizwani, O zizwe, futhi wazi, O bandla, ukuthi yini phakathi kwabo.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangenakubaleka; futhi noma bebiza Kimi, ngeke ngibalalele.


Nina ningishiyile, usho uJehova, nibuyele emuva; ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikuchithe; Sengikhathele ukuphenduka.


uthi: ‘Yizwani izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nani bakhileyo eJerusalema. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo; ozwayo, izindlebe zakhe ziyonkeneneza.


Ngokuba abawalalelanga amazwi ami,” usho uJehova, “engawathuma kubo ngesandla sezinceku zami abaprofethi, wavuka ekuseni, wabathuma; kepha anizwanga,” usho uJehova.


Ngiyolesabisa i-Elamu phambi kwezitha zalo naphambi kwalabo abafuna ukuphila kwabo; ngiyakubehlisela okubi, intukuthelo yami evuthayo,” usho uJehova; ngiyakuthuma inkemba emva kwabo, ngize ngibaqede.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda, nangenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwakhe; ngokuba badelela umthetho kaJehova, kabagcinanga imiyalo yakhe, amanga abo abadukisa njengalokho abahamba oyise.


Lalelani, zizwe zonke; lalela, mhlaba nakho konke okukuwo, iNkosi uJehova mayibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.


Ngakho-ke, njengomlilo uqeda izinhlanga, nelangabi lidla amakhoba, kanjalo impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo ikhuphuke njengothuli, ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova Sebawoti, balilahla izwi lamabandla. ONgcwele ka-Israyeli.


Kabize izizwe; bheka, memezelani ngeJerusalema ukuthi abalindi bayeza bevela ezweni elikude, bazwakalise izwi labo ngemizi yakwaJuda.


Kungani laba bantu baseJerusalema behlehliswa ukuhlubuka kwaphakade? babambelele enkohliso, bayala ukubuya.


Kepha ngiyakunihambela njengesithelo sezenzo zenu, usho uJehova; futhi ngiyobasa umlilo ehlathini lakhe, futhi uyoqothula konke okuzungezile.


Yebo, wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, yebo, ngokuhamba, ukuze angalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululelwe phezu kwethu nesifungo esilotshwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite