Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Baba namahloni lapho benza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi engibahambela ngaso, bayakuwa, usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo; ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Abanamahloni ngenxa yezinengiso abazenzileyo, abanamahloni nakancane, abakwazi nokukhophoza; ngalokho bayakuwela kulabo asebewile; ngesikhathi sokubajezisa kwami bayakukhubeka,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:15
29 Referans Kwoze  

Baba namahloni ngokwenza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo bayakuwa, usho uJehova.


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.


Ngakho izihlambi zanqandwa, akubangakho mvula yamuva; futhi wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.


abakuphela kwabo kungukubhujiswa, abaNkulunkulu wabo uyisisu sabo, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abanaka izinto zasemhlabeni.


UJehova olungileyo uphakathi kwawo; akenzi okubi; njalo ekuseni uyaveza ilungelo lakhe, akaqedi; kepha ongalungile akawazi amahloni.


Abahle kunabo bonke banjengokhakhasi, abaqotho babukhali kunothango lwameva; luyeza usuku lwemilindo yakho nokuhanjelwa kwakho; manje bayoba ukudideka.


Ngalokho ubusuku buyakuba kini, ningabi nakubona; kuyakuba mnyama kini, ukuze ningabhuli; ilanga liyoshona kubaprofethi, usuku lube mnyama phezu kwabo.


Izinsuku zokuhanjelwa sezifikile, izinsuku zokuphindisela sezifikile; U-Israyeli uyakukwazi lokhu: Umprofethi uyisiwula, nomuntu ongokomoya uyahlanya, ngenxa yobuningi bobubi bakho nenzondo enkulu.


Ngokuba igazi lawo likuwo; wayibeka esiqongweni sedwala; akaliphonsanga phansi ukuze alisibekele ngothuli;


Ngoba bangabantwana abaxhwalileyo lenhliziyo elukhuni. Ngiyakuthuma kubo; uthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova.


Ngalokho indlela yabo kubo iyakuba njengezindlela ezibushelelezi ebumnyameni; bayakuxoshwa, bawele kuwo; ngoba ngiyobehlisela inhlekelele, unyaka wokuhanjelwa kwabo,” kusho uJehova.


Angiyikujezisa ngenxa yalezi zinto na? usho uJehova, uthi: “Umphefumulo wami awuyikuziphindiselela esizweni esinjengalesi na?


Kangiyikujezisa ngenxa yalezi zinto? usho uJehova, kepha umphefumulo wami awuyikuziphindiselela esizweni esinjengalesi na?


Ngaphandle kwami bayokhothama phakathi kwezithunjwa, futhi bayowela phakathi kwababuleweyo. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.


Ubuso babo bufakaza ngokumelene nabo; futhi bamemezela isono sabo njengeSodoma, abasifihli. Maye emphefumulweni wabo! ngoba baziphindiselela okubi.


Ovame ukwenza lukhuni intamo yakhe ngokusolwa uyachithwa ngokuzumayo, kungabikho ukuphulukiswa.


Hamba manje, uhole abantu, ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe; bheka, iNgelosi yami ihamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela, ngiyakubahambela ngesono sabo.


Abahlakaniphileyo bayajabha, bayesaba, bavalelwe; bheka, balilahlile izwi likaJehova; kukhona ukuhlakanipha kuni na?


Kepha wena Jehova, uyawazi wonke amasu abo okungibulala; ungathetheleli ububi babo, ungasusi isono sabo ebusweni bakho, kodwa mabaphenduke phambi kwakho; yenza kanjalo kubo ngesikhathi solaka lwakho.


Abazange bajabhiswe kuze kube yilolu suku, futhi abesabanga futhi abahambanga ngomthetho wami nasezimisweni zami engazibeka phambi kwenu nawoyihlo.


Ngiyakudiliza ugange enilunameke ngodaka olulukhuni, ngiluwise phansi, ukuze kwambulwe isisekelo salo, luwe, niqedwe phakathi kwalo; yazini ukuthi nginguJehova.


Hlanganani, yebo, buthanani, O sizwe esingafunwa;


Kuyothi ngalolo suku abaprofethi bahlale benamahloni, kube yilowo nalowo ebusweni bakhe, uma eprofethile; futhi bangembathi ingubo emahhadla ukuze bakhohlise;


Ngangomuso izibulo yathi kwencane: “Bheka, ngilele nobaba izolo ebusuku; masimphuzise iwayini ngalobu busuku; futhi ungene futhi ulale naye, ukuze silondoloze inzalo kababa wethu.


Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha egameni lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe; Labo baprofethi bayoqedwa ngenkemba nangendlala.


Ngalokho uyakuwa emini, nomprofethi awe kanye nawe ebusuku, ngichithe unyoko.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite