Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova; ngikhathele ukuzibamba; ngiyakuthululela phezu kwabantwana bangaphandle naphezu kwenhlangano yezinsizwa kanyekanye;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova, ngikhathele ukunyamezela. “Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini, nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye, ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo, ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngakho-ke ngigcwele ulaka lukaSimakade, ngikhathele ukuzibamba. “Luthululele phezu kwabantwana emigwaqweni, nasemhlanganweni wezinsizwa, indoda nomkayo bayakubanjwa kanjalo abadala nabagugileyo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:11
22 Referans Kwoze  

Ngase ngithi: “Angisayikumkhuluma, angisayikukhuluma egameni lakhe.” Kepha izwi lakhe lalinjengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni ami enhliziyweni yami;


Ngoba ukufa kukhuphuke emafasiteleni ethu futhi kwangena ezindlini zethu zobukhosi ukuze kunqume abantwana ngaphandle nezinsizwa ezitaladini.


Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova, nobulungisa namandla, ukuze ngishumayele kuJakobe isiphambeko sakhe, no-Israyeli isono sakhe.


Ngase ngizwa izwi elikhulu liphuma ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha zolaka lukaNkulunkulu.


Kwathi sebefikile oSila loThimothewu bevela eMakedoniya, uPawulu wacindezeleka emoyeni, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.


Kwathi uPawuli esabalindile eAthene, umoya wakhe wakhathazeka phakathi kwakhe ebona umuzi ugcwele izithombe.


Ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.


Ngithi kini: Ngalobobusuku kuzakuba khona ababili embhedeni munye; omunye athathwe, omunye ashiywe.


Bulalani amaxhegu, abasha, izincekukazi, nabantwana, nabesifazane, kepha ningasondeli kunoma yimuphi umuntu onophawu; futhi uqale endaweni yami engcwele. Base beqala ngamakhehla ayephambi kwendlu.


UMoya wangiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ekushiseni komoya wami; kepha isandla sikaJehova sasinamandla phezu kwami.


Ngakho nikela abantwana babo endlaleni, bachithe igazi labo ngobudlova benkemba; nabafazi babo mabaphangwe abantwana, babe abafelokazi; futhi amadoda abo mawabulawe; izinsizwa zabo mazibulawe ngenkemba empini.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululelwa kule ndawo, phezu kwabantu, naphezu kwezilwane, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba; futhi uyovutha futhi ungacimi.


Ngisho nezinsizwa ziyokhathala futhi zikhathale, nezinsizwa ziyowa ngokuphelele.


Nina ningishiyile, usho uJehova, nibuyele emuva; ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikuchithe; Sengikhathele ukuphenduka.


Angihlalanga emhlanganweni wabaklolodayo, futhi angizange ngijabule; ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho, ngokuba wangigcwalisa ngokufutheka.


UJehova uwanyathele phansi onke amaqhawe ami phakathi kwami; ungibizele umhlangano wokuchoboza izinsizwa zami; uJehova unyathele phansi intombi, indodakazi yakwaJuda, njengasesikhamweni sewayini.


Abancane nabadala balele phansi emigwaqweni; izintombi zami nezinsizwa zami ziwile ngenkemba; Wababulala ngosuku lwentukuthelo yakho; wabulala, wangabi nazwelo.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, isisu sakho masidle, ugcwalise izibilini zakho ngalo msebenzi engikunika wona. Ngabe sengisidla; yayisemlonyeni wami njengoju lwezinyosi, ibe mnandi.


Tshono kuyo indlu kaIsrayeli uthi: Itsho njalo iNkosi uJehova; “Bheka, ngiyayingcolisa indlu yami engcwele, ubuhle bamandla akho, isifiso samehlo akho nalokho umphefumulo wakho okuhawukelayo; amadodana enu namadodakazi enu aseleyo kini ayakuwa ngenkemba.


Kangiyikujezisa ngenxa yalezi zinto? usho uJehova, kepha umphefumulo wami awuyikuziphindiselela esizweni esinjengalesi na?


Ngakho yizwani izwi likaJehova nina besifazane, nilalele izwi lomlomo wakhe, nifundise amadodakazi enu isililo, kube yilowo nalowo komakhelwane bakhe ingoma yokulila.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite