Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 6:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Nina bantwana bakwaBenjamini, hlanganani nibalekele eJerusalema, nibethe icilongo eThekhowa, nimise isibonakaliso somlilo eBeti Hakeremi, ngokuba ububi buvela enyakatho nokubhubhisa okukhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Thuthani impahla eJerusalema nina bantwana bakwaBenjamini, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi, ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho nokuchitha okukhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 6:1
19 Referans Kwoze  

ISango Lomquba lalilungiswa nguMalikiya, indodana kaRekabi, umbusi wesifunda saseBeti Hakeremi; walakha, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, kuyakuvela abantu ezweni lasenyakatho, kuvele isizwe esikhulu emikhawulweni yomhlaba.


Wakha neBetlehema, ne-Etamu, neThekhowa,


UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Zinike izingubo zokulila, wembathe ukulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane olilela ofileyo isikhathi eside;


Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema; kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.


Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa awabona ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi inkosi yakwa-Israyeli iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.


Bhekani, ngiyakuthuma, ngithabathe zonke izizwe zasenyakatho, usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngizilethe phezu kwaleli zwe, naphezu kwabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe ezizungezile, Uyobashaya ngesiqalekiso, abenze isimangaliso, inhlekisa, incithakalo kuze kube phakade.


Bhekani, kuyeza umsindo wesithelo, nesiyaluyalu esikhulu esivela ezweni lasenyakatho, ukwenza imizi yakwaJuda ibe yihlane nomhume wezimpungushe.


Umuzi wonke uyawubalekela umsindo wabamahhashi nabacibishelayo; bayakungena emahlathini, bagibele emadwaleni; yonke imizi iyakushiywa, kungahlali muntu kuyo.


Kepha amaJebusi akhileyo eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha; kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.


Kungashaywa icilongo emzini futhi abantu bangesabi? kuyakuba khona okubi emzini uJehova engakwenzanga na?


Amahhashi amnyama okulo aphumela ezweni lasenyakatho; nabamhlophe babalandela; futhi ezosiwe ziphuma ziye ezweni eliseningizimu.


Eceleni kwabo kwasinda abaseThekhowa; kodwa izikhulu zabo kazibekanga izintamo zabo emsebenzini weNkosi yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite