Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 52:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Umuzi wabhodlozwa, wonke amaqhawe abaleka, aphuma emzini ebusuku ngesango eliphakathi kwemiduli emibili eyayingasensimini yenkosi; AmaKaledi ayezungeza umuzi, ahamba indlela yawo eya ethafeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka, aphuma emzini ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi – amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi – ahamba ngendlela yase-Araba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Izingange zomuzi zabhodlozwa. Wonke amabutho abaleka, aphulukundlela emzini ebusuku, aphuma ngendlela esesangweni eliphakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi. AmaKhaledi ayewuzungeze nxazonke umuzi, nokho amabutho ahamba ngendlela eya e-Arabha.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 52:7
17 Referans Kwoze  

Amaphaseji amiswa, imihlanga yavutha umlilo, namaqhawe esaba.


Umuzi wabhodlozwa, wonke amadoda empi abaleka ebusuku ngesango eliphakathi kwezingange ezimbili ezingasensimini yenkosi; amaKaledi ayemelene nomuzi nxazonke, inkosi yahamba yaya ethafeni.


Ngalokho izinsizwa zakhe ziyakuwa ezitaladini zakhe, nawo onke amaqhawe anqunywe ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti.


Inkulungwane iyakubaleka kanjani, nezinkulungwane ezimbili eziyishumi zingabaleka, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebavalile na?


UJehova uyakuninqoba phambi kwezitha zenu, niphume ukulwa nazo ngendlela eyodwa, nizibaleke ngezindlela eziyisikhombisa, ninyakazeke emibusweni yonke yomhlaba.


Futhi mayelana nalabo kini abasele bephila, ngizothumela ukudangala ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; umsindo weqabunga elikhencezayo uyobasukela; bayakubaleka njengababaleki phambi kwenkemba; bayakuwa uma kungekho obaxoshayo.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abakuzondayo bayakubusa phezu kwakho; niyobaleka uma kungekho onixoshayo.


Bheka, ngiyaleza, usho uJehova, ngibabuyisele kulo muzi; bayakulwa nalo, balithathe, balishise ngomlilo; futhi ngiyoyenza imizi yakwaJuda ibe ihlane elingenamuntu ohlala kulo.


Ngomnyaka weshumi nanye kaSedekiya, ngenyanga yesine, ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga, umuzi wabhidlizwa.


Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuthwala ehlombe, sihambe kuhwalala; bayobhoboza udonga ukuze balikhiphe; uyosibekela ubuso, ukuze angawuboni umhlaba ngamehlo akhe.


Kwathi ngomnyaka weshumi nambili wokudingiswa kwethu, ngenyanga yeshumi, ngolwesihlanu lwenyanga, kwafika kimi owaphunyuka eJerusalema, wathi: “Umuzi unqotshiwe.


Niyakuphuma ngemifantu, kube yilelo nalelo phambi kwalo; futhi kumelwe uwaphonse esigodlweni,” kusho uJehova.


Vukani, singene ebusuku, sichithe izindlu zalo zamakhosi.


Kumelwe ukhiphe impahla yakho phambi kwamehlo abo emini njengento yokumuka; kumelwe uphume kusihlwa phambi kwamehlo abo njengalabo abaphuma ekudingisweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite