Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 51:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba u-Israyeli noJuda abashiywanga nguNkulunkulu wabo, uJehova Sebawoti; nakuba izwe labo laligcwele isono koNgcwele ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba o-Israyeli noJuda abashiywanga nguNkulunkulu wabo, uJehova Sebawoti, noma izwe labo ligcwele icala koNgcwele ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Ngokuba u-Israyeli noJuda akabahlamukanga uNkulunkulu wabo, nakuba izwe labo lonakele koNgcwele ka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 51:5
37 Referans Kwoze  

Ngalolo suku uJehova uyobavikela abakhileyo eJerusalema; obuthakathaka phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide; indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova phambi kwabo.


Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe njengeziko phakathi kwezinkuni nanjengobhaqa esithungwini; ziyodla bonke abantu nxazonke, kwesokudla nakwesokunxele, futhi iJerusalema liyophinde lihlalwe endaweni yalo, eJerusalema.


Zwanini izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, ngokuba akukho qiniso, akukho umusa, akukho kwazi uNkulunkulu ezweni.


UJehova uyodla ifa lesabelo sikaJuda ezweni elingcwele futhi aphinde akhethe iJerusalema.


Uzafakazela iqiniso kuJakobe lakuAbrahama umusa owathembisa okhokho bethu ngesifungo kusukela ezinsukwini.


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe, othethelela ububi, adlule isiphambeko sensali yefa lakhe? Akayigodli intukuthelo yakhe kuze kube phakade, ngokuba ujabulela umusa.


Kodwa umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nokubalwa; nasendaweni lapho kwathiwa kubo: Anisibo abantu bami, kuyakuthiwa kubo: Ningabantwana bakaNkulunkulu ophilayo.


Wayesethi kimi: “Ububi bendlu ka-Israyeli noJuda bukhulu kakhulu, izwe ligcwele igazi nomuzi ugcwele inkohliso; ngoba bathi: INkosi iwushiyile umhlaba, futhi iNkosi akaboni.


Wayesethi kimi: “Uyakubona lokhu, ndodana yomuntu na? Kuyinto elula yini kuyo indlu yakwaJuda ukuthi yenze izinengiso ezenzayo lapha na? ngokuba bagcwalisa izwe ngobudlova, babuyela ukungiklolodela; bheka, babeka ihlumela emakhaleni abo.


Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “kuyakufunwa ububi buka-Israyeli, kepha abuyikuba khona; nezono zikaJuda aziyikufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engibagcinayo.


Ungesabi, nceku yami Jakobe, usho uJehova, ngokuba nginawe; ngokuba ngiyakuqeda zonke izizwe engikuxoshele kuzo; kepha angiyikuniqeda, kepha ngiyakunikhuza ngokulinganisa; kodwa kangiyikukuyekela ungajeziswanga ngokupheleleyo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Uma izulu lingalinganiswa, kulandele izisekelo zomhlaba phansi, ngiyakuyilahla yonke inzalo yakwa-Israyeli ngakho konke abakwenzileyo,” usho uJehova.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi; Bheka, ngiyabadlisa umhlonyane, ngibaphuzise inyongo; ngokuba kubaprofethi baseJerusalema kwaphuma ububi ezweni lonke.


Ngokuba bangishiyile, bayenza ibe ngowabo le ndawo, bashunqisa umusi kuyo kwabanye onkulunkulu ababengabazi, bona nawoyise, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala;


Ngiyakubuyisela kabili ububi babo nesono sabo kuqala; ngoba balingcolisile izwe lami, bagcwalise ifa lami ngezidumbu zezinengiso zabo nezinengiso zabo.


Bayakubabiza ngokuthi: Abantu abangcwele, abahlengiweyo bakaJehova; uyakubizwa ngokuthi: Ofuniweyo, umuzi ongashiyiwe.


Cabanga ngakho, Jakobe nawe Israyeli! ngoba uyinceku yami; ngakubumba; uyinceku yami; O Israyeli, ngeke ukukhohlwa yimi.


Ngoba uJehova kayikubaxotsha abantu bakhe, njalo kayikulitshiya ilifa lakhe.


Ngoba sasiyizigqili; nokho uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqilini bethu, kepha wasenzela umusa emehlweni amakhosi asePheresiya ukuba asinike ukuvuselela, sakhe indlu kaNkulunkulu wethu, silungise amanxiwa ayo, sinikeze ugange kwaJuda, eJerusalema.


Ngokuba uJehova akayikubalahla abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, ngokuba kwaba kuhle kuJehova ukunenza abantu bakhe.


Ngaphezu kwalokho, uManase wachitha igazi eliningi elingenacala waze wagcwalisa iJerusalema kusukela komunye umkhawulo kuya komunye; ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.


Ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngingabashiyi abantu bami u-Israyeli.


Ngokuthuka, nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga, bayafohla, igazi lithinta igazi.


Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho owahlukanisa ulwandle, amaza alo ahlokoma; nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Kungani ungaba njengomuntu omangele, njengeqhawe elingakwazi ukusindisa? kepha wena Jehova uphakathi kwethu, negama lakho libizwé phezu kwethu; ungasishiyi.


Umlahlile ngokuphelele uJuda? umphefumulo wakho wawuzonda iSiyoni na? usishayeleni, singekho ukuphulukiswa na? besilindele ukuthula, kepha akukho okuhle; nesikhathi sokuphulukiswa, futhi bheka, usizi!


Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo; ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto, u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Yishoni kubafowenu ukuthi: ‘Ami! nakodadewenu uRuhama.


funa ngimhlubule abe nqunu, ngimbeke njengasosukwini lokuzalwa kwakhe, ngimenze abe njengehlane, ngimenze abe njengezwe elomileyo, ngimbulale ngokoma.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite