Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 51:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo; ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto, u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke, yebo, nesizwe sefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 51:19
19 Referans Kwoze  

Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo, ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto; u-Israyeli uyinduku yefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova; nabantu abakhethile njengefa lakhe.


UMhlengi wethu, igama lakhe nguJehova Sebawoti, oNgcwele ka-Israyeli.


UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngalokho ngiyakwethemba kuye.


Ngokuba nathokoza, ngokuba nathokoza, nina bachitha ifa lami, ngokuba nakhuluphalisa njengethokazi etshanini, nabhodla njengezinkunzi;


Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe no-Israyeli ukuba abe yifa lakhe.


Kodwa uNkulunkulu wethu usezulwini; Wenza akuthandayo.


Cabanga ngebandla lakho owalithenga endulo; intonga yefa lakho owayihlenga; intaba yaseSiyoni owawuhlala kuyo.


UJehova uyisabelo sefa lami nendebe yami; uyalonda isiphetho sami.


Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; UJakobe uyisiphetho sefa lakhe.


Wenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, waleneka izulu ngecebo lakhe.


Usho kanje uJehova, uMenzi wako, uJehova owakubumbayo, ukuba akuqinise; nguJehova igama lakhe;


UMsindisi wabo unamandla; nguJehova Sebawoti igama lakhe; Uyolivikela ngokugcwele icala labo lomthetho, anike izwe ukuphumula futhi aphazamise abakhileyo eBhabhele.


Futhi ukhohlwe uJehova, uMdali wakho, oweneka izulu nowabeka izisekelo zomhlaba; futhi wesaba njalonjalo izinsuku zonke ngenxa yolaka lomcindezeli, njengokungathi uselungele ukubhubhisa? luphi ulaka lomcindezeli na?


Ngokuba u-Israyeli noJuda abashiywanga nguNkulunkulu wabo, uJehova Sebawoti; nakuba izwe labo laligcwele isono koNgcwele ka-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite