Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 51:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Lapho ezwakalisa izwi lakhe, kukhona amanzi amaningi esibhakabhakeni; wakhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Lapho elizwakalisa izwi lakhe, kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enzele imvula unyazi, awukhiphe umoya endlini yengcebo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Lapho eduma ngezwi lakhe, kuhlokoma amanzi ezulwini; ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba, athumele umbani nemvula, akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 51:16
24 Referans Kwoze  

Wenza inkungu ikhuphuke emikhawulweni yomhlaba; wenzela imvula imibani; ukhipha umoya engcebeni yakhe.


Kodwa uJehova wathumela umoya omkhulu elwandle, kwavela isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze waphuka.


UJehova waduma ezulwini, oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe; isichotho namalahle.


Kwathi ekuphumeni kwelanga, uNkulunkulu walungisa umoya wasempumalanga onamandla; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waquleka, wafuna ukufa phakathi kwakhe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Aninjengabantwana bamaKushe yini kimi, nina bantwana bakwa-Israyeli? kusho uJehova. Angimkhuphulanga yini u-Israyeli ezweni laseGibithe na? namaFilisti eKafitori, nama-Aramu aseKiri?


Umsindo wamaphiko amakherubi wezwakala kwaze kwaba segcekeni elingaphandle njengezwi likaNkulunkulu uSomandla lapho ekhuluma.


Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise; Wenza umoya wakhe uvunguze futhi amanzi agobhoze.


Ngaphambi kokusola kwakho abaleka; ngezwi lokuduma kwakho zashesha zasuka.


Waphephula umoya wasempumalanga esibhakabhakeni, ngamandla akhe waletha umoya waseningizimu.


Lowo ogibele izulu lamazulu, owayekhona endulo; bheka, uyalithuma izwi lakhe, futhi liyizwi elinamandla.


Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; walizwakalisa izwi lakhe, umhlaba uyancibilika.


Ingalo yakho injengoNkulunkulu na? noma ungaduma ngezwi elinjengelakhe na?


Ungenile yini engcebeni yeqhwa? noma usubonile ingcebo yesichotho,


Uyakuvumela ukuba kufike, noma ngokusola, noma izwe lakubo, noma umusa.


UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wabangela ukuba ulwandle luhlehle ubusuku bonke ngomoya wasempumalanga onamandla, womisa ulwandle, amanzi ahlukana.


INkosi yasiphendukisa umoya wasentshonalanga onamandla amakhulu, owasusa isikhonyane, wasijikijela oLwandle lweSikefe; akwasala sikhonyane nesisodwa kuzo zonke izifunda zaseGibithe.


UMose wayeselula intonga yakhe phezu kwezwe laseGibithe, uJehova waletha umoya wasempumalanga phezu kwezwe lolo suku lonke lobo busuku; kwathi sekusile, umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.


UNkulunkulu wamkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezazinaye emkhunjini;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite