Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 50:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bazabuza indlela eya eZiyoni, ubuso babo bukhangele kulo, bathi: Wozani sihlangane loJehova esivumelwaneni esingapheliyo esingayikukhohlakala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bayakubuza indlela yaseSiyoni, ubuso babo bubhekene nalo, bethi: Wozani nizihlanganise noJehova ngesivumelwano esiphakade esingenakukhohlakala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Bayakubuza indlela eya eZiyoni, bebhekise amabombo abo kulo, bethi: wozani nizihlanganise noSimakade ngesivumelwano saphakade esingenakulibaleka.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 50:5
26 Referans Kwoze  

Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuthi angiyikusuka kubo ukuba ngibenzele okuhle; kepha ngiyakufaka ukungesaba ezinhliziyweni zabo, ukuze bangasuki kimi.


Khothamani nize kimi; lalelani, umphefumulo wenu uphile; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izihe eziqinile zikaDavide.


Kuyakuba khona umgwaqo omkhulu nendlela, futhi iyobizwa ngokuthi, indlela yobungcwele; ongcolileyo angadluli phezu kwayo; kepha kuyakuba ngabo: abahambayo, nakuba beyiziwula, abayikuduka ngakho.


Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibuke, nibuze ngezindlela zakudala, iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu. Kodwa bathi: Asiyikuhamba ngayo.


Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu kuwe nakuyo inzalo yakho emva kwakho.


Futhi lokhu abakwenzanga njengokuthemba kwethu, kodwa bazinikela kuqala eNkosini nakithi ngentando kaNkulunkulu.


Owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo.


Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.


Baqhubeka bekhula ngamandla, yilowo nalowo eSiyoni ubonakala phambi kukaNkulunkulu.


Wathi: “Ngangishisekela nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli basishiyile isivumelwano sakho, badilize ama-altare akho, babulala abaprofethi bakho ngenkemba; ngase ngisele ngedwa; futhi bafuna umphefumulo wami ukuze bawususe.


Wathi: “Ngaba nobukhwele obukhulu kuJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli basishiyile isivumelwano sakho, badilize ama-altare akho, babulala abaprofethi bakho ngenkemba; ngase ngisele ngedwa; futhi bafuna umphefumulo wami ukuze bawususe.


Lanxa indlu yami kayinjalo kuNkulunkulu; nokho wenza nami isivumelwano esiphakade, esiqondileyo nesiqinisekileyo kukho konke; ngokuba lokhu kuyinsindiso yami yonke kanye nesifiso sami sonke, noma engakhulisi.


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyohamba nendlu ka-Israyeli, futhi bayohlangana ndawonye besuka ezweni lasenyakatho baye ezweni engalinika okhokho benu njengefa.


Ngokuba kuyakuba khona usuku lapho abalindi ezintabeni zakwa-Efrayimi beyakuthi ngalo: Sukumani sikhuphukele eSiyoni kuJehova uNkulunkulu wethu.


Zimiseleni iziqondiso zendlela, zenzeleni inqwaba; beka inhliziyo yakho emgwaqeni omkhulu, indlela owahamba ngayo; buya, ntombi yakwa-Israyeli, buyela kule mizi yakho.


Khona-ke uyozikhumbula izindlela zakho futhi ube namahloni, uma wamukela odadewenu, abadala bakho nabancane bakho; ngizakunika bona babe ngamadodakazi, kodwa kungeyisikho ngesivumelwano sakho.


Ngiyakubenza isizwe sinye ezweni ezintabeni zakwa-Israyeli; futhi inkosi eyodwa iyoba yinkosi phezu kwabo bonke, futhi ngeke besaba izizwe ezimbili, futhi ngeke besahlukana babe imibuso emibili.


Khona abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa-Israyeli bayakubuthana, bazikhethele umholi oyedwa, bakhuphuke baphume ezweni, ngokuba luyoba lukhulu usuku lwaseJizreyeli.


Emva kwalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo; bayakumesaba uJehova nomusa wakhe ekupheleni kwezinsuku.


Wozani siphendukele kuJehova, ngokuba udwengulile, uyakusiphulukisa; Washaya, futhi Uzosibopha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite