Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 50:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, usho uJehova, abantwana bakwa-Israyeli bayakufika, bona nabantwana bakwaJuda kanyekanye, bahambe bakhale; bayohamba bayomfuna uJehova uNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “bayakufika abantwana bakwa-Israyeli, bona nabantwana bakwaJuda kanyekanye, behamba bekhala, befuna uJehova uNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 “Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “abakwa-Israyeli, nabakwaJuda bayakuza behamba kanyekanye, bayakuhamba bekhala, befuna uSimakade uNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 50:4
32 Referans Kwoze  

Emva kwalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo; bayakumesaba uJehova nomusa wakhe ekupheleni kwezinsuku.


Khona abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa-Israyeli bayakubuthana, bazikhethele umholi oyedwa, bakhuphuke baphume ezweni, ngokuba luyoba lukhulu usuku lwaseJizreyeli.


Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli; kanye nendlu kaJuda.


Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nokunxusa; futhi bayongibheka mina abangigwazayo, futhi bayomlilela njengoba nje umuntu elilela indodana yakhe eyodwa, futhi bayoba munyu kuyo, njengomuntu omunyu ngenxa yezibulo lakhe.


Ngakho-ke, manje, kusho uJehova, phendukani kimi ngenhliziyo yenu yonke nangokuzila ukudla nangokukhala nangokulila.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Manje ngiyakubuyisela isabelo sikaJakobe, ngihawukele yonke indlu yakwa-Israyeli, ngibe nomhawu ngegama lami elingcwele;


Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyohlumisela uDavide iHlumela lokulunga; futhi uyokwenza ubulungisa nokulunga ezweni.


Ngokuba usuku lwempindiselo lusenhliziyweni yami, nomnyaka wokuhlengwa kwami usufikile.


Funani uJehova esekhona, nimbize eseseduze.


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama yomhlaba; Angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: Ngifuneni ngeze; Mina, Jehova, ngikhuluma ubulungisa, ngimemezela ubulungisa.


Ngokuba uJehova uyakuhawukela uJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, abahlalise ezweni labo; abafokazi bayakuhlangana nabo, banamathele endlini kaJakobe.


Funani uJehova namandla akhe; funani ubuso bakhe njalo.


Yibani lusizi, nilile, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nokujabula kwenu kube ukudabuka.


U-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphuma eMispa ukubahlangabeza, esakhala njalo; lapho ehlangana nabo, wathi kubo: “Wozani kuGedaliya indodana ka-Ahikamu.”


Khona-ke uyozikhumbula izindlela zakho futhi ube namahloni, uma wamukela odadewenu, abadala bakho nabancane bakho; ngizakunika bona babe ngamadodakazi, kodwa kungeyisikho ngesivumelwano sakho.


Wozani siphendukele kuJehova, ngokuba udwengulile, uyakusiphulukisa; Washaya, futhi Uzosibopha.


Uma abantu bami, ababizwa ngegama lami, bezithoba, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi; khona ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


Bayakulandela uJehova; Ubhodla njengengonyama; uma Ebhonga, abantwana basentshonalanga bayathuthumela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite