Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 50:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba isizwe esisenyakatho siyamvukela owenza izwe laso libe yihlane, kungahlali muntu kulo; bayakumuka, bamuke, abantu nezilwane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba kukhuphukela kulo isizwe sivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngokuba liyakuhlaselwa yisizwe esivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabi bikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.”

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 50:3
22 Referans Kwoze  

Ngiyakuqeda abantu nezilwane; ngiyakuqeda izinyoni zezulu, nezinhlanzi zolwandle, nezikhubekiso zababi; futhi ngiyonquma umuntu ezweni,” kusho uJehova.


Khanyisa imicibisholo; qoqa izihlangu; uJehova wavusa umoya wamakhosi amaMede, ngokuba icebo lakhe limelene neBabele ukulichitha; ngokuba lokhu kuyimpindiselo kaJehova, impindiselo yethempeli lakhe.


Uzakuthi: O Jehova, wena ukhulumile ngalendawo ukuyiqeda, ukuthi kungasala muntu kuyo, kungabi khona muntu kumbe isilwane, kodwa ukuthi ibe yinkangala kuze kube nininini.


Ngokuba bhekani, ngiyokwenza umhlangano wezizwe ezinkulu ukuba ukhuphuke uvela ezweni lasenyakatho futhi ukhuphukele eBabiloni; lizathathwa lapho; imicibisholo yabo iyakuba njengeyeqhawe elinamandla; akekho oyobuyela ize.


Khona izulu nomhlaba nakho konke okukukho kuyakujabula ngeBabele, ngokuba abachithi bayakufika kulo bevela enyakatho,” usho uJehova.


Futhi ngiyobashaya abakhileyo kulo muzi, abantu nezilwane; bayakufa ngesifo esikhulu.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululelwa kule ndawo, phezu kwabantu, naphezu kwezilwane, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba; futhi uyovutha futhi ungacimi.


Ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobu busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezilwane; ngiyakwahlulela bonke onkulunkulu baseGibithe; nginguJehova.


Futhi iNkosi yathi: Umuntu engimdalile ngizomchitha emhlabeni; womuntu kanye nesilwane. Izilwane ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; ngokuba ngiyazisola ukuthi ngabenza.


Ngizele owasenyakatho, futhi uzofika; kusukela empumalanga uyakubiza igama lami, futhi uyofika izikhulu njengokungathi phezu kobumba, futhi anyathele ubumba njengombumbi.


Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile, ukuba ngehlisele izizwe phambi kwakhe; futhi ngiyothukulula izinkalo zamakhosi ukuze ngivule amasango amabili phambi kwayo; namasango awayikuvalwa;


Phezu kwezintaba ngiyophakamisa ukukhala nokulila, nesililo phezu kwezindawo zokuhlala zasogwadule, ngoba zishisiwe, ukuze kungabikho muntu odlula kuzo; futhi abantu abakwazi ukuzwa izwi lezinkomo; kwabaleka izinyoni zezulu nezilwane; sebehambile.


Ngiyakwenza iJerusalema libe yizinqwaba, umhume wezimpungushe; futhi ngiyoyenza imizi yakwaJuda ibe ihlane elingenamuntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite