Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 49:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesikho ukuphuza endebeni bayakuphuza impela; futhi nguwe oyohamba ungajeziswa nhlobo? ngeke uyeke ukujeziswa, kodwa kumelwe nakanjani uphuze kuso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Uma labo okungafanele baphuze endebeni, bephuzile kuyo, pho kungani wena ungenakujeziswa na? Ngeke uyekwe ungajeziswa, impela nawe uyophuza kuyo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 49:12
9 Referans Kwoze  

Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele, ziyakuphuza kanjalo zonke izizwe, ziphuze, zidle, zibe sengathi azigezwanga.


Kepha ungesabi, nceku yami Jakobe, futhi ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakuhlenga ezweni elikude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, abe nokuthula, aphumule, akakho omesabisayo.


Ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikukhulule; noma ngiqeda zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, nokho angiyikukuqeda; kodwa ngizokukhuza ngokulinganisa futhi ngingakushiyi ungajeziswa ngokuphelele.


Ngoba nanku okutshiwo nguJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi kimi: Thatha inkezo yewayini yalolulaka esandleni sami futhi kayiphuze zonke izizwe engikuthuma kuzo.


Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe; futhi lowo ojabulela izinhlekelele ngeke angajeziswa.


Kodwa uJesu waphendula wathi: Kalikwazi enikucelayo. Ningakwazi yini ukuyiphuza indebe engizoyiphuza mina, futhi nibhapathizwe ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo na? Bathi kuye: Singakwenza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite