Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 47:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 O nkemba kaJehova, koze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, phumula futhi uthule.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Awu wena nkemba kaJehova, koze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 “Awu wena nkemba kaSimakade, kuyoze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 47:6
20 Referans Kwoze  

Abachithi sebefikile ezindaweni zonke eziphakemeyo ehlane, ngokuba inkemba kaJehova iyakuqeda kusukela komunye umkhawulo wezwe kuze kube komunye umkhawulo wezwe; akukho nyama eyoba nokuthula.


Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba yakho esikhwameni;


Ngiwubuyisele emgodleni wawo na? ngiyakukwahlulela endaweni owadalwa kuyo, ezweni lokuzalwa kwakho.


Noma ngiletha inkemba kulelo zwe ngithi: ‘Inkemba, dabula izwe;’ ukuze ngiqothule kuwo umuntu nesilwane.


Ngakho wothi kubo: Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli; Phuzani, nidakwe, nikhafule niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyoyithumela phakathi kwenu.


Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine, usho uJehova: inkemba yokubulala, nezinja ukuba ziklebhule, nezinyoni zezulu nezilo zomhlaba ukuba zidle, zichithe.


Koze kube nini izwe lilila nezimila zensimu zibuna ngenxa yobubi babakhileyo na? izilwane zaqedwa nezinyoni; ngoba bathi: Kayikubona ukuphela kwethu.


Koze kube nini ngibona ibhanela futhi ngizwa ukukhala kwecilongo?


Izembe lingaziqhayisa ngogawula ngalo na? Noma ingabe isaha liyozikhulisa ngokumelene nalowo olinyakazisayo? njengokungathi induku ithuthumela phezu kwabayiphakamisayo, noma sengathi induku iziphakamisa njengokungathi akulona ukhuni.


O, i-Asiriya, intonga yentukuthelo yami, nodondolo olusesandleni sabo ukufutheka kwami.


Vuka, Jehova, umdumaze, umwise; sindisa umphefumulo wami kwababi, okuyinkemba yakho.


UJehova wayiyala ingelosi; wayesehosha inkemba yakhe futhi.


U-Abineri wayesembiza uJowabe, wathi: “Inkemba izophela kuze kube phakade na? Anazi yini ukuthi ekugcineni kuyoba umunyu? koze kube nini ungayaleli abantu ukuba babuye ekulandeleni abafowabo na?


Amalungu amathathu abetha amacilongo, aphihliza izitsha, aphatha izibani ngesandla sobunxele namacilongo ngezandla zokunene ukuba awashaye; bamemeza bathi: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni!”


Uqalekisiwe owenza umsebenzi kaJehova ngenkohliso, futhi uqalekisiwe ogodla inkemba yakhe egazini.


“Inkemba imelene namaKaledi,” kusho uJehova, “naphezu kwabakhileyo eBhabhiloni naphezu kwezikhulu zalo nabahlakaniphile bayo.


Vuka, wena nkemba, umelusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti, uthi: ‘Shaya umalusi, izimvu zihlakazeke;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite