Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 47:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 ngenxa yosuku oluzayo lokuphanga onke amaFilisti, nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizayo abaseleyo, ngokuba uJehova uyakuphanga amaFilisti, insali yezwe laseKafitori.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilisti nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo, ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti, insali yesiqhingi saseKafitori.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 nangenxa yosuku oluzayo ukuzobhubhisa wonke amaFilisti, nokuqeda iThire neSidoni, bonke abasizi abasalayo; ngokuba uSimakade uyakuwabhubhisa amaFilisti, insali yesiqhingi iKhafithori.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 47:4
27 Referans Kwoze  

Aninjengabantwana bamaKushe yini kimi, nina bantwana bakwa-Israyeli? kusho uJehova. Angimkhuphulanga yini u-Israyeli ezweni laseGibithe na? namaFilisti eKafitori, nama-Aramu aseKiri?


Futhi abakhileyo kulesi siqhingi bayothi ngalolo suku: Bheka, lokhu kuyithemba lethu lapho esibalekela khona ukuze sithole usizo lokukhululwa enkosini yase-Asiriya; thina siyakuphunyuka kanjani na?


Ama-Avi ayehlala eHazerimi kwaze kwaba se-Asa, amaKafitori aphuma eKafitori, awachitha, ahlala endaweni yawo.)


Izinsuku zokuhanjelwa sezifikile, izinsuku zokuphindisela sezifikile; U-Israyeli uyakukwazi lokhu: Umprofethi uyisiwula, nomuntu ongokomoya uyahlanya, ngenxa yobuningi bobubi bakho nenzondo enkulu.


Lapho bekubona ngeze, bekhuluma amanga kuwe, ukuze bakwehlisele phezu kwezintamo zalabo abanqotshiweyo, ababi abalusuku lwabo lufikile lokuthi ububi babo buphele.


“Nawe, sikhulu esibi sakwa-Israyeli, osuku lwakho lufikile, lapho ububi buphela,


Isikhathi sesifikile, usuku luyasondela; umthengi makangathokozi, nomthengisi angalili, ngokuba ulaka luphezu kwesixuku sakhe sonke.


Ngokuba lolu lusuku lweNkosi uJehova Sebawoti, usuku lwempindiselo, ukuze iziphindiselele kwabamelene nayo; inkemba iyodla futhi iyosutha futhi iphuze igazi labo; ube nomhlatshelo ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.


INkosi izamhleka, ngoba ibona ukuthi usuku lwakhe luyeza.


Ngoba lezi kuyizinsuku zokuphindisela, ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo.


Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho sengiphembe umlilo eGibithe, bechithwa bonke abasizi bakhe.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami phezu kwamaFilisti, nginqume amaKrethi, ngichithe insali ogwini lolwandle.


Khona i-Asiriya liyakuwa ngenkemba, kungabi ngeqhawe; nenkemba engesiye eyomuntu iyakumqeda; kodwa uyobalekela inkemba, nezinsizwa zakhe ziyokwesaba.


Niyakwenzani ngosuku lokuhanjelwa nasekubhujisweni okuvela kude na? niyakubalekela kubani nifuna usizo na? futhi uyoyishiyaphi inkazimulo yakho?


Uma uNkulunkulu engakunqandi ukuthukuthela kwakhe, abasizi abaziqhenyayo bakhothama phansi kwakhe.


namaPatrusi, namaKasluhi, okwaphuma kuwo amaFilisti, namaKafitori.


Kwathi uFinehasi umpristi nezinduna zenhlangano nezinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli ezazinaye bezwa amazwi abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nabantwana bakwaManase ababewakhulumile, kwaba kuhle emehlweni abo.


UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,


Hewula wena sango! biza, muzi! wena, lonke iPhalestine, ubhubhile, ngoba kuyovela umusi uvela enyakatho, futhi akekho oyoba yedwa ngezikhathi zakhe ezimisiwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite