Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 46:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Mabangabaleke abanejubane, namaqhawe angaphunyuki; bayakukhubeka, bawele ngasenyakatho ngasemfuleni i-Ewufrathe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Onejubane makangabaleki naye, kungaphunyuki neqhawe; ngasenyakatho eceleni komfula u-Ewufrathe bayakhubeka, bawe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 “Onejubane makangakwazi ukubaleka, neqhawe malingaphunyuki; elingasenyakatho eceleni komfula u-Yufrathe, bayakukhubeka, bawe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 46:6
22 Referans Kwoze  

Khona-ke uyophendulela ubuso bakhe enqabeni yezwe lakhe, kodwa uyokhubeka awe, angatholakali.


Izizwe zezwa ngehlazo lakho, ukukhala kwakho kwagcwalisa izwe, ngokuba iqhawe likhubeke eqhaweni, bawa bobabili kanyekanye.


Abazidlayo bayokhubeka bawe, futhi akekho oyobaphakamisa; ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe, umqede nxazonke.


Wawisa abaningi, omunye wawela omunye, bathi: “Sukani, sibuyele kubantu bakithi nasezweni lokuzalwa kwethu, siphuma enkembeni echobozayo.”


Ngokuba lolu lusuku lweNkosi uJehova Sebawoti, usuku lwempindiselo, ukuze iziphindiselele kwabamelene nayo; inkemba iyodla futhi iyosutha futhi iphuze igazi labo; ube nomhlatshelo ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.


Bhekani, ngiyakuthuma, ngithabathe zonke izizwe zasenyakatho, usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngizilethe phezu kwaleli zwe, naphezu kwabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe ezizungezile, Uyobashaya ngesiqalekiso, abenze isimangaliso, inhlekisa, incithakalo kuze kube phakade.


Kepha uJehova unami njengeqhawe elinamandla; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangahluli; ngokuba abayikuphumelela, ihlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.


Nina bantwana bakwaBenjamini, hlanganani nibalekele eJerusalema, nibethe icilongo eThekhowa, nimise isibonakaliso somlilo eBeti Hakeremi, ngokuba ububi buvela enyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Phakamisani isimiso eSiyoni; buyela emuva, ungahlali, ngokuba ngiyakuletha ububi obuvela enyakatho nencithakalo enkulu.


INkosi yasisithi kimi: Kusukela enyakatho, ububi buzavela phezu kwabo bonke abakhileyo elizweni.


Futhi abaningi phakathi kwabo bayokhubeka futhi bawe futhi baphuke futhi bacushwe futhi babanjwe.


Ngabuya ngabona phansi kwelanga ukuthi ukugijima akusikho okwabanejubane, nokulwa akukho kwabanamandla, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ingeyabantu abanengqondo,


Lapho ababi, yebo, izitha zami nezitha zami, befika phezu kwami ukuba badle inyama yami, bakhubeka bawa.


Futhi ngezingalo zikazamcolo bayakukhungatheka, baphuke phambi kobuso bakhe; yebo, nombusi wesivumelwano.


Ezinsukwini zakhe uFaro Nego, inkosi yaseGibithe, wenyukela enkosini yase-Asiriya ngasemfuleni u-Ewufrathe, inkosi uJosiya yakhuphuka ukulwa nayo; wambulala eMegido lapho embona.


Inkosi yaseGibithe ayibe isabuya ezweni layo, ngokuba inkosi yaseBabele yathatha konke okwakungokwenkosi yaseGibithe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni u-Ewufrathe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite