Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 46:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli; Bheka, ngiyakuhambela isixuku saseNo, noFaro, neGibithe, nonkulunkulu balo, namakhosi abo; ngisho uFaro nabo bonke abathembela kuye;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakujezisa u-Amoni waseNo, noFaro, neGibithe, nawonkulunkulu balo, namakhosi alo, yebo, uFaro nabamethembayo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 USimakade Wamabandla uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakujezisa u-Amoni waseNo, uFaro, iGibhithe, onkulunkulu balo, amakhosi alo, nabethembele kuFaro.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 46:25
16 Referans Kwoze  

UJehova uyakwesabeka kubo, ngokuba uyakwenza ukuba bonke onkulunkulu bomhlaba balambe; futhi abantu bayokhuleka kuyo, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.


Ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobu busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezilwane; ngiyakwahlulela bonke onkulunkulu baseGibithe; nginguJehova.


Isiprofetho ngeGibhithe. Bheka, uJehova ugibele ifu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayakuthuthumela phambi kobuso bakhe, nezinhliziyo zaseGibithe ziyakuncibilika kulo.


Usho kanje uJehova, uthi: ‘Bhekani, ngiyakunikela uFaro uHofira inkosi yaseGibithe esandleni sezitha zakhe nasesandleni sabafuna ukuphila kwakhe, njengalokho nganikela uSedekiya inkosi yakwaJuda esandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, isitha sakhe esasifuna ukuphila kwakhe.’ ”


Khala, Heshiboni, ngokuba i-Ayi ichithiwe; khalani, madodakazi aseRaba, bhinceni izingubo zokulila; dabukani, nigijimele ezintangweni; ngoba inkosi yabo iyoya ekudingisweni, nabapristi bayo nezikhulu zayo kanyekanye.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, nginakho ngoFaro inkosi yaseGibithe; ngiyakwenza inkemba iwe esandleni sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite