Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 46:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kuphila kwami, isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti: Impela njengeThabori phakathi kwezintaba nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyofika.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Kuphila kwami,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti, “impela njengeThabori phakathi kwezintaba, nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyakufika.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 “Ngifunga ngiyagomela,” kusho iNkosi, egama layo kunguSimakade Wamabandla, “kukhona ozayo ofana neThabhori phakathi kwezintaba, nanjengeKharmeli ngasolwandle.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 46:18
20 Referans Kwoze  

UMowabi uphangiwe, wakhushulwa emizini yakhe, nezinsizwa zakhe ezikhethiweyo ziyile ekubulaweni, isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.


Wathumela wabiza uBharaki indodana ka-Abinohama eKedeshinafetali, wathi kuye: “Akashongo yini uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukuthi: ‘Hamba uye entabeni yaseThabori, uthathe amadoda ayizinkulungwane eziyishumi kubantwana bakwaNafetali, uhambe nawe, abanye babantwana bakwaZebuloni na?


Umkhawulo usuka eThabori, naseSahasima, naseBeti Shemeshi; ukuphuma komkhawulo wabo kwaseJordani: imizi eyishumi nesithupha nemizana yayo.


Kepha makaqalekiswe umkhohlisi oneduna emhlambini wakhe, enze isithembiso, anikele ngokonakala kuJehova; ngokuba mina ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.


Ngoba bazibiza ngabomuzi ongcwele futhi bahlala kuNkulunkulu kaIsrayeli; NguJehova Sebawoti igama lakhe.


UMhlengi wethu, igama lakhe nguJehova Sebawoti, oNgcwele ka-Israyeli.


Nguwena owadala inyakatho neningizimu: iThabori neHermoni ayakujabula egameni lakho.


Kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, engabonakali, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Noma ngomhlaba; ngoba uyisenabelo senyawo zakhe: loba ngeJerusalema; ngoba kungumuzi weNkosi enkulu.


Wonke umuntu uyazidla ngokwazi kwakhe; bonke abakhandi bajabhiswa ngesithombe esibaziweyo, ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.


Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: ‘Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu,’ usho uJehova, ‘ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: “Kuphila kukaJehova.”


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilayo, neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, nezizwe aziyikuthwala ukufutheka kwakhe.


inkosi yaseKedeshi, eyodwa; inkosi yaseJokineyamu yaseKarmeli, eyodwa;


Ngiyakudakisa izikhulu zayo nezihlakaniphi zayo, nezikhulu zayo, nezikhulu zayo, namaqhawe ayo; bayolala ubuthongo obuphakade, bangavuki,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.


Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki, indodana ka-Abinohama, ukhuphukele entabeni yaseThabori.


Ingonyama yenyuka iphuma ehlathini layo, nomchithi wezizwe usendleleni; uphumile endaweni yakhe ukuze enze izwe lakho libe yihlane; nemizi yenu iyakuba yincithakalo, kungabikho ohlala khona.


Bheka, uyenyuka njengamafu, nezinqola zakhe zinjengesivunguvungu; amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithi! ngoba sonakele.


Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo, ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto; u-Israyeli uyinduku yefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Ngokuba bhekani, odala izintaba nodala umoya, atshele umuntu ukuthi iyini imicabango yakhe, owenza mnyama ukusa, ongena ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, nguJehova uNkulunkulu Sebawoti igama lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite