Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 45:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wathi: “Maye kimi manje! ngokuba uJehova wengeze usizi ebuhlungwini bami; Ngiqulekile ngokububula kwami, futhi angikutholi ukuphumula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Uthi wena: ‘Maye kimina! Ngokuba uJehova wenezele usizi ebuhlungwini bami, ngikhathele ukukhala, nokuthula angikufumani.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 wena uthe: ‘Maye kimi! Ngokuba uSimakade wenezele usizi ezinhlungwini zami, ngikhathele ukububula, angikutholi ukuphumula.’

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 45:3
28 Referans Kwoze  

Masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.


Ngakho kasidangali; kepha noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.


Ngakho lokhu sinale nkonzo, njengokuba sihawukelwe, asidangali;


Kepha nina, bazalwane, ningakhathali ekwenzeni okuhle.


Kepha noma ebanga usizi, nokho uyakuba nesihawu ngokobukhulu bobubele bakhe.


Mabufike bonke ububi babo phambi kwakho; wenze kubo njengalokho wenzile kimi ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba ukububula kwami kuningi, nenhliziyo yami ibuthuntu.


Ephezulu wathumela umlilo emathanjeni ami, wawaqeda; Wenekela izinyawo zami inetha, wangibuyisela; Wangenza isichitho futhi ngikhathele usuku lonke.


O, ikhanda lami ngabe amanzi, namehlo ami abe ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhale imini nobusuku ngenxa yababuleweyo bendodakazi yabantu bakithi!


Uma ngifuna ukuziduduza ngosizi, inhliziyo yami iyadangala phakathi kwami.


Uma udangala ngosuku losizi, amandla akho mancane.


Maye kimina, ngokuba ngigogobele kwaMesheki, ngihlala ematendeni akwaKedari!


Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami womile, amehlo ami afiphele lapho ngilindela uNkulunkulu wami.


Utwa lumemeza ekujuleni ngomsindo wemifula yakho yamanzi; onke amaza akho namaza akho adlule phezu kwami.


Ngaphela amandla, ngaphandle kokuthi ngikholwe ukuthi ngizakubona okuhle kukaJehova elizweni labaphilayo.


Ngikhathele ukububula kwami; ubusuku bonke ngigezisa umbhede wami; nginisela ukhukho lwami ngezinyembezi.


Namuhla ukukhala kwami kumunyu; umvimbo wami unzima kunokububula kwami.


Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, kuwe Baruki!


Iso lami liyaphela ngosizi; liyaguga ngenxa yezitha zami zonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite