Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 44:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: ‘Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu,’ usho uJehova, ‘ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: “Kuphila kukaJehova.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: ‘Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu,’ usho uJehova, ‘ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: “Kuphila kukaJehova.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Ngakho-ke yizwani izwi likaSimakade nina nonke baJuda enihlala eGibhithe: ‘Bheka, ngifunga igama lami elikhulu,’ kusho uSimakade, ‘ukuthi igama lami alisayukubizwa muntu wakwaJuda ezweni lonke eGibhithe, athi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade.”

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 44:26
28 Referans Kwoze  

Ngokuba lapho uNkulunkulu ethembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga;


Nina-ke ndlu yakwa-Israyeli, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Hambani nikhonze, kube yilowo nalowo izithombe zakhe, kuthi ngasemuva, uma ningangilaleli; kodwa ningabe nisangcolisa igama lami elingcwele ngezipho zenu nangezithombe zenu.


Kodwa komubi uNkulunkulu uthi: Lizakwenzani ukuze utshumayele izimiso zami, kumbe ukuthi uthathe isivumelwano sami ngomlomo wakho?


Wathi: “Ngizifungile mina, usho uJehova, ngokuba wenze lokho, ungagodlanga nendodana yakho eyodwa yakho;


INkosi uJehova izifungile, isho iNkosi uJehova Sebawoti, ithi: “Ngiyakwenyanya ukuzidla kukaJakobe, ngiyazonda izindlu zakhe zamakhosi; ngalokho ngiyakuwunikela umuzi nakho konke okukuwo.


Noma bengathi: Kuphila kukaJehova! impela bafunga amanga.


Uzafunga uthi: Kuphila kukaJehova ngeqiniso, ngokulunga langokulunga; izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizidumise Ngaye.


ukuze, ngezinto ezimbili ezingaphendukiyo, okungekwenzeki ukuthi uNkulunkulu aqambe amanga ngazo, sibe lenduduzo elamandla thina esibalekeleyo ukuze sibambe ithemba elibekwe phambi kwethu;


Futhi obani afunga kubo ukuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, ngaphandle kwalabo abangakholwanga na?


UJehova wafunga ngobukhosi bukaJakobe, wathi: “Angiyikukhohlwa nokuyikho imisebenzi yabo.


Uyisekazi womuntu kumelwe amkhuphule, nalowo omshisayo, ukuze akhiphe amathambo endlini futhi athi kongaphakathi kwendlu: “Usekhona yini nawe? uyakuthi: “Qha.” Khona-ke uyakuthi: “Bamba ulimi lwakho, ngoba ngeke siliphathe igama likaJehova.”


Kuphila kwami, isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti: Impela njengeThabori phakathi kwezintaba nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyofika.


Kepha uma ningawezwa lawa mazwi, ngiyazifunga mina, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yihlane.


Nizokweba, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nishunqise umusi kuBali, nilandele abanye onkulunkulu eningabaziyo na?


UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Angisayikuzinika izitha zakho ukolweni wakho ube ngukudla kwazo; futhi amadodana wezihambi angaliphuzi iwayini lakho ozikhandlekele.


Angiyikwephula isivumelwano sami, nokuphuma emlonyeni wami angiyikukuguqula.


Tshono kibo uthi: Kuphila kwami, itsho iN kosi, njengokukhuluma kwenu ezindlebeni zami, ngizakwenza njalo kini.


Njengamakhiwane amabi angadliwa, mabi kakhulu; “Usho kanje uJehova, uthi: “Usho kanje uJehova, uthi: Ngiyakumnika kanje uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakhe, nensali yaseJerusalema esele kuleli zwe nabakhileyo ezweni laseGibithe.


Ngaphezu kwalokho, uJeremiya wathi kubo bonke abantu nakubo bonke abesifazane: “Yizwani izwi likaJehova, nonke Juda osezweni laseGibhithe!


Ngokuba ngizifungile mina, usho uJehova, ukuthi iBhozira liyakuba yincithakalo, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso; yonke imizi yakhe iyakuba yincithakalo kuze kube phakade.


Noma ufeba, Israyeli, uJuda makangakhubeki; ningezi eGiligali, ningakhuphukeli eBeti Aveni, ningafungi: Kuphila kukaJehova!


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngibhekise ubuso bami kini ukuba ngenze okubi, ngichithe wonke uJuda.


Ukuze kungabikho noyedwa owasalayo wakwaJuda owaya ezweni laseGibithe ukuba agogobale khona oyophunyuka noma osalayo ukuba abuyele ezweni lakwaJuda efisa ukubuyela kulo ukuba ahlale khona; akekho oyobuya ngaphandle kwalabo ababalekile.


UJehova Sebawoti wafunga ngaye, wathi: “Impela ngiyakukugcwalisa ngabantu njengangezinkumbi; futhi bayophakamisa ukukhala ngokumelene nawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite