Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 44:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kodwa selokhu sayeka ukushisela indlovukazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa, santula yonke into futhi saqedwa ngenkemba nangendlala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kepha selokhu sayeka ukushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa, siswele konke, siqedwe ngenkemba nangendlala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Kepha selokhu sayeka ukushisela impepho indlovukazi yezulu, nokuyethulela iminikelo yokuphuzwayo, seswele konke, sibulawa yinkemba nayindlala.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 44:18
8 Referans Kwoze  

Wonke amaJuda abuya kuzo zonke izindawo ayexoshelwe kuzo, eza ezweni lakwaJuda eGedaliya eMispa, abutha iwayini eliningi nezithelo zasehlobo.


Wahlabela onkulunkulu baseDamaseku ababemehlulile, wathi: “Ngokuba onkulunkulu bamakhosi ase-Aramu bayawasiza, ngiyakuhlabela wona ukuba angisize.” Kodwa zaba incithakalo kuye nakuye wonke u-Israyeli.


Izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda ziyongcoliswa njengendawo yaseThofeti, ngenxa yazo zonke izindlu abashunqisela phezu kwazo umusi ukhuphukele kulo lonke ibutho lasezulwini futhi bathululele iminikelo yokuphuzwa kwabanye onkulunkulu.


Ngoba unina uphingile; owawazala wenza okuhlazisayo; ngokuba wathi: “Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bezimvu bami nelineni lami, amafutha ami nesiphuzo sami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite