Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 44:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ukuze kungabikho noyedwa owasalayo wakwaJuda owaya ezweni laseGibithe ukuba agogobale khona oyophunyuka noma osalayo ukuba abuyele ezweni lakwaJuda efisa ukubuyela kulo ukuba ahlale khona; akekho oyobuya ngaphandle kwalabo ababalekile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 kungaphunyuki, kungasali muntu ensalini yakwaJuda eye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona ukubuyela ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuba ihlale khona, ngokuba akuyikubuya muntu, abaphunyukileyo bodwa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Akuyukuphunyuka namunye, akuyukusinda muntu ensalini yakwaJuda eye eGibhithe ukuyogogobala khona, ukuze ibuyele ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuze ihlale khona, ngokuba akuyukubuya muntu, kuphela ingcosana ephunyukile.”

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 44:14
16 Referans Kwoze  

UIsaya umemeza ngoIsrayeli, uthi: Lanxa umumo wabantwana bakoIsrayeli ungangesihlabathi solwandle, insali izasindiswa;


Kuyakuba njalo kuwo wonke amadoda abhekisa ubuso bawo ukuya eGibithe ukuba agogobale khona; bayakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo; futhi akukho noyedwa kubo oyosala noma ophunyuka ebubini engiyobehlisela phezu kwabo.


Ngalolo suku insali yakwa-Israyeli nabaphunyukileyo bendlu kaJakobe abayikusala kuye owabachitha; kodwa iyohlala ngeqiniso kuJehova, oNgcwele ka-Israyeli.


Ngalolo suku inkatho kaJehova iyakuba yinhle nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba yinhle, zithandeke kwabaphunyukileyo kwa-Israyeli.


Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? eyaqala ukukhulunywa yiNkosi, yaqinisekiswa kithi yilabo abayizwayo;


Ucabanga ukuthi wena muntu, owahlulela abenza izinto ezinjalo, nawe uzenza nazo, ucabanga ukuthi uyakubalekela ukwahlulela kukaNkulunkulu na?


Zinyoka, nzalo yamabululu, lingakubalekela njani ukulahlwa kwesihogo?


Yazini ngokuqinisekile ukuthi niyokufa ngenkemba, ngendlala, nangesifo, endaweni enithanda ukuya kuyo ukuba nigogobale khona.


Ningamkhaleli ofileyo, ningamlileli; kodwa mkhaleleni ngomunyu omukayo, ngokuba akasayikubuya, alibone izwe lakubo.


Kepha ngiyakushiya insali, ukuze nibe nabaphunyuka enkembeni phakathi kwezizwe, lapho nihlakazwa emazweni.


Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: ‘Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu,’ usho uJehova, ‘ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: “Kuphila kukaJehova.”


Ngiyakunquma phakathi kwenu abahlubukayo nabeqayo kimi; ngiyakubakhipha ezweni abagogobele kulo njengabafokazi, abayikungena ezweni lakwa-Israyeli; nizokwazi ukuthi nginguJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite