Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 41:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 kwafika abanye bevela eShekemi, eShilo naseSamariya, abantu abangamashumi ayisishiyagalombili, bephucile, nezingubo zabo ziklebhukile, bezisikile, bephethe iminikelo nempepho ezandleni zabo, ukuba balethe endlini kaJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 kwafika amadoda angamashumi ayisishiyagalombili evela eShekemi, naseShilo, naseSamariya, izilevu zawo ziphuculiwe nezingubo ziklejuliwe, bezisikile, bephethe iminikelo yempuphu nempepho ezandleni zabo ukuba bakulethe endlini kaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 kwafika amadoda angama-80 evela eShekhemi, eShilo, naseSamariya egunde izilevu zawo, nezingubo zawo ziklejuliwe, nawo ezisikile uqobo, ephethe ngezandla zawo iminikelo yokusanhlamvu nempepho ukuzokunikela endlini kaSimakade.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 41:5
28 Referans Kwoze  

Wathenga intaba yaseSamariya kuShemeri ngamatalenta amabili esiliva, wakha entabeni, wabiza umuzi awakha iSamariya ngegama likaShemeri umninigquma.


Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi nazo zonke izindlu zaseJerusalema nendlu yabo bonke abakhulu ngomlilo.


Inhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwabo.


Ningabantwana beNkosi uNkulunkulu wenu; akumelwe nizinqume futhi ningenzi mpandla phakathi kwamehlo akho ngenxa yofileyo.


Futhi lapho uJerobowamu eya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wafika eShekemi ukumbeka inkosi.


U-Abimeleki indodana kaJerubali waya eShekemi kubafowabo bakanina, wakhuluma kubo nakuwo wonke umndeni wendlu kayise, wathi:


UJakobe wafika eSalema, umuzi wakwaShekemi, osezweni laseKhanani, ekuphumeni kwakhe ePhadani Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi.


Wenyukela eBayiti naseDiboni ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; UMowabi uyakukhala eNebo naseMedeba; kuwo wonke amakhanda abo kuyoba yimpandla, nazo zonke izilevu ziyogundwa.


Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Asa inkosi yakwaJuda, u-Ahabi, indodana ka-Omri, waba ngukumkani kwa-Israyeli; u-Ahabi, indodana ka-Omri, wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka engamashumi amabili nambili eSamariya.


UJerobowamu wakha iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, wahlala kulo; waphuma lapho, wakha iPnuweli.


Wenza kanjalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamdlalisa kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga.


Ngalokho ngiyakwenza kule ndlu ebizwa ngegama lami, eniyethembayo, nakuyo indawo engayinika nina nawoyihlo, njengalokho ngenza eShilo.


Kodwa khathesi hambani liye endaweni yami eyayiseShilo, lapho engabeka khona ibizo lami kuqala, libone engakwenzayo kuyo ngenxa yobubi babantu bami uIsrayeli.


Ngokuba izinceku zakho zijabulela amatshe alo, zithokozile othulini lwazo.


Ngakho uHanuni wabamba izinceku zikaDavide, waphucula ingxenye yesilevu sazo, wasika izingubo zazo phakathi kwaze kwafika ezinqeni zazo, wazimukisa.


Amathambo kaJosefa abantwana bakwa-Israyeli abakhuphula ngawo eGibithe bawembela eShekemi endaweni uJakobe ayithenga emadodaneni kaHamori uyise kaShekemi ngamashekeli ayikhulu esiliva; ifa labantwana bakwaJosefa.


UShekemi indodana kaHamori umHivi, umbusi wezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wangcolisa.


Abafowabo bahamba bayakwelusa izimvu zikayise eShekemi.


Bazimisela isithombe esibaziweyo sikaMika abesenze ngaso sonke isikhathi indlu kaNkulunkulu iseShilo.


Walishiya itabernakele laseShilo, itende ayelimise phakathi kwabantu;


Abakhulu nabancane bayakufa kuleli zwe; abayikungcwatshwa, futhi abayikuzikhalela, abayikuzisika, bangazenze nqunu ngabo.


Kwathi ngosuku lwesibili ebulele uGedaliya, kwakungekho muntu owakwazi;


Impandla yaba phezu kweGaza; I-Ashikeloni lachithwa nensali yesigodi sabo; koze kube nini uziqothula?


Ngokuba onke amakhanda ayakuba yimpandla, nazo zonke izilevu zigundiwe; kuzo zonke izandla kube khona ukusikwa, nendwangu yesaka ezinkalweni zonke.


Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa, unesihe, uyabekezela, unomusa omkhulu, uyaphenduka ebubini.


Ngakho uHanuni wabamba izinceku zikaDavide, waziphuca, wasika izingubo zazo phakathi kuze kube sezinqeni zazo, wazimukisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite