Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 40:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Mina-ke, bheka, ngiyohlala eMispa ukuze ngikhonze amaKaledi azakuza kithi; kodwa wena buthani iwayini nezithelo zasehlobo namafutha, nikubeke ezitsheni zenu, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bhekani, mina ngiyakuhlala eMispa, ngiwakhonze lawo maKaledi ayakufika kithina, kepha nina, buthani iwayini, nezithelo, namafutha, nikubeke ezitsheni zenu, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Bhekani, mina ngizohlala eMizpha, ngiwakhonze amaKhaledi ayofika kithina; kodwa nina, zibutheleni ngezitsha zenu iwayini, izithelo, namafutha, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.”

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 40:10
15 Referans Kwoze  

Wonke amaJuda abuya kuzo zonke izindawo ayexoshelwe kuzo, eza ezweni lakwaJuda eGedaliya eMispa, abutha iwayini eliningi nezithelo zasehlobo.


Wena mvini waseSibima, ngiyakukhalela ngokukhala kukaJaseri; izitshalo zakho zawela ulwandle, zafinyelela olwandle lwaseJaseri; umchithi uwile ezithelweni zakho zasehlobo nasekuvunweni kwakho kwemivini.


Kepha uNebuzaradani induna yabalindi wabashiya ezweni lakwaJuda abathile kwabampofu abangenalutho, wabanika izivini namasimu.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: UJonadaba, indodana kaRekabi, akayikuswela muntu wokuma phambi kwami kuze kube phakade.


Ngalokho ngiyakukhala ngokukhala kukaJasheri, umvini waseSibima; ngiyakuniphuzisa, Heshiboni, nezinyembezi zami, nawe Elehale, ngokuba isikhalo sehlele izithelo zakho zasehlobo naphezu kwesivuno sakho.


Kwathi uDavida esedlulile kancinyane esiqongweni sentaba, uZiba inceku kaMefiboshethi wamhlangabeza, elezimbongolo ezimbalwa eziboshelwe, phezu kwazo izinkwa ezingamakhulu amabili lezigaxa zezithelo zomvini ezilikhulu, lezithelo eziyikhulu. Wezithelo zasehlobo, nemvaba yewayini.


Kodwa uJoshuwa, indodana kaNuni, omi phambi kwakho, nguyena oyakungena khona; mkhuthaze, ngokuba uyakwenza u-Israyeli adle ifa lalo.


Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu.


Maye kimi! ngokuba nginjengalapho kuvuthwa izithelo zasehlobo nanjengezithelo zomvini zokuvuna; akukho hlukuzo lokudla; umphefumulo wami wafisa isithelo sokuqala.


UJeremiya waya kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa; wahamba wayohlala naye phakathi kwabantu ababesele ezweni.


Uyambona umuntu okhuthele emsebenzini wakhe? uyakuma phambi kwamakhosi; angeke ame phambi kwabantu abakhohlakele.


Izinsuku eziyisikhombisa kumelwe nigubhe umkhosi wamadokodo ngemva kokubutha ukolweni namakhoba akho.


Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi phambi kwakho njalo, zizwe ukuhlakanipha kwakho.


Kuvela utshani, kubonakale utshani obuthambile, nemifino yasezintabeni iyabuthwa.


Kepha uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi bathatha yonke insali yakwaJuda eyayibuyile ezizweni zonke eyayixoshelwe kuzo ukuba ihlale ezweni lakwaJuda;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite