Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 4:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Jerusalema, geza inhliziyo yakho ebubini, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho eyize ihlala kini na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho, kuphume ububi, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho emibi ihlala phakathi kwakho na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 4:14
22 Referans Kwoze  

Sondelani kuNkulunkulu, laye uzasondela kini. Hlambululani izandla nina zoni; nihlanze izinhliziyo zenu nina eninhliziyombili.


Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse kuNkulunkulu, ukuba mhlawumbe uthethelelwe isizindlo senhliziyo yakho.


Omubi makashiye indlela yakhe, nongalungile imicabango yakhe; aphenduke eNKOSIni, njalo izaba lesihawu kuye; nakuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakuthethelela kaningi.


Futhi: INkosi iyayazi imicabango yabahlakaniphileyo ukuthi iyize.


Ngokuba sebemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga njengoNkulunkulu, kababonganga; kodwa baba yize emicabangweni yabo, nenhliziyo yabo ewubuwula yaba mnyama.


INkosi yathi kuye: “Manje nina baFarisi nihlambulula ingaphandle lenkezo nojeke; kepha ingaphakathi lakho ligcwele ukuphanga nobubi.


Ngikubonile ukuphinga kwakho ngakuhlupha, isenzo esiyihlazo sobufebe bakho nezinengiso zakho emagqumeni asendle. Maye kuwe Jerusalema! aniyikuhlanjululwa na? kuyoke kube nini?


Koze kube nini nina zithutha nithanda ubuwula? nezideleli zijabulela ukuklolodela, neziwula zizonda ukwazi?


Uma ngibheka ububi enhliziyweni yami, iNkosi ayiyikungahlulela;


“Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi, ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.


Lahlani kini zonke iziphambeko zenu eleqa ngazo; futhi anenze inhliziyo entsha nomoya omusha; ngoba lizafelani lina ndlu kaIsrayeli?


SAMECH. Ngiyayizonda imicabango eyize, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


Ngokuba noma ugeza ngodaka, uzithathele insipho eningi, nokho ububi bakho buphambi kwami, isho iNkosi uJehova.


Zwana, mhlaba, bheka, ngehlisela okubi phezu kwalaba bantu, yebo, isithelo semicabango yabo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami nomthetho wami, kepha bawulahla.


Isono sikaJuda silotshwe ngosiba lwensimbi langesihloko sedayimani; kuqoshwe etafuleni lezinhliziyo zabo nasezimpondweni zama-altare enu;


Makungabikho kini ocabanga okubi enhliziyweni yakhe ngomakhelwane wakhe; ningathandi isifungo samanga, ngokuba zonke lezi yizinto engizizondayo,” usho uJehova.


Hamba manje, ukhulume kubantu bakwaJuda nakubakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uJehova; Bhekani, ngiceba okubi ngani, ngiceba icebo ngani; phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.


USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, kungabi izinyawo zami zodwa, kodwa nezandla nekhanda lami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite