Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 39:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Hamba ukhulume ku-Ebhedi-Melegi umKushe, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli; Bheka, ngiletha amazwi ami ngalo muzi ngokubi, kungabi ngokuhle; futhi ziyogcwaliseka phambi kwenu ngalolo suku.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Hamba ukhulume ku-Ebedi Meleki umKushe, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela amazwi ami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, abe ngaphambi kwakho ngalolo suku.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 “Hamba utshele u-Ebhedi Melekhi, umKhushe, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: bheka, ngiyakuwafeza amazwi ami amelene nalo muzi kuyoba ngokubi, hhayi okuhle, ngalolo lusuku ayofezeka phambi kwakho.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 39:16
24 Referans Kwoze  

Futhi wawaqinisa amazwi akhe awakhuluma ngokumelene nathi nabahluleli bethu ababesiqondisa ngokuletha inhlekelele enkulu phezu kwethu, ngoba ngaphansi kwalo lonke izulu akuzange kwenzeke njengaseJerusalema.


Kepha amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi, akubambanga yini koyihlo na? babuya, bathi: “Njengokuba uJehova Sebawoti wayehlosile ukwenza kithi njengezindlela zethu nezenzo zethu, wenze njalo kithi.


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


Futhi ngizomhambela kanye nenzalo yakhe kanye nezinceku zakhe ngenxa yobubi babo; ngiyakwehlisela phezu kwabo naphezu kwabakhileyo eJerusalema naphezu kwabantu bakwaJuda konke okubi engikushilo ngabo; kodwa kabalalelanga.


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema konke okubi engikushilo ngabo, ngokuba ngikhulumile kubo, kepha bona akezwanga; ngababiza, kepha abaphendulanga.


Bheka, ngiyaleza, usho uJehova, ngibabuyisele kulo muzi; bayakulwa nalo, balithathe, balishise ngomlilo; futhi ngiyoyenza imizi yakwaJuda ibe ihlane elingenamuntu ohlala kulo.


Kwakukhona futhi umuntu owayeprofetha egameni likaJehova, u-Uriya, indodana kaShemaya, waseKiriyati Jeharimi, owaprofetha ngalo muzi nangaleli zwe njengawo wonke amazwi kaJeremiya.


UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: IZiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba; nentaba yendlu injengeziqongo zehlathi.


Kodwa niyazi ngokuqinisekile ukuthi uma ningibulala, ngokuqinisekile niyoletha igazi elingenacala phezu kwenu naphezu kwalo muzi naphezu kwabakhileyo kuwo; ngoba isibili iNkosi ingithumile kini ukukhuluma wonke lamazwi ezindlebeni zakho.


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uthi: “Ngokuba nikhuluma leli zwi, bhekani, ngiyakwenza amazwi ami abe umlilo emlonyeni wakho, nalaba bantu babe yizinkuni, ubaqede.


Iso lami liyobona ukunxanela izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ukunxanela ababi abangivukelayo.


Ukuba kugcwaliseke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya, izwe laneliswe ngamasabatha alo;


Bheka, ngiyabalinda kube kubi, kungabi kuhle; bonke abantu bakwaJuda abasezweni laseGibithe bayakuphela ngenkemba nangendlala, baze baqedwe.


Noma beya ekudingisweni phambi kwezitha zabo, ngiyakuyala inkemba kusukela lapho, ibabulale; ngiyakubhekisa amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.


UJehova wakuletha, wenza njengokukhuluma kwakhe, ngokuba nonile kuJehova, analalela izwi lakhe, ngalokho le ndaba ibe phezu kwenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite