Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 39:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bathumela bamthatha uJeremiya egcekeni letilongo bamnikela kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba amlethe ekhaya; ngalokho wahamba wayohlala phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 bathuma bamkhipha uJeremiya egcekeni letilongo, bamnikeza kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 ukuba uJeremiya akhishwe egcekeni labalindi. Bamedlulisela kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 39:14
18 Referans Kwoze  

UJeremiya wahlala egcekeni letilongo kwaze kwaba usuku iJerusalema elathunjwa ngalo, futhi wayelapho lapho iJerusalema lithunjwa.


Kodwa isandla sika-Ahikamu, indodana kaShafani, sasinoJeremiya, ukuze bangamnikeli esandleni sabantu ukuba bambulale.


Inkosi yayala uHilikiya umpristi, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Akibori indodana kaMikaya, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi:


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, uNebuzaradani induna yemilindankosi emlethile eRama, lapho esemthathile eboshwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke ababethunjwe eJerusalema nakwaJuda, ababethunjiwe kude ekuthunjweni eBhabhiloni.


Izwi likaJehova lafika kuJeremiya evalelwe egcekeni letilongo, lathi:


Base bemdonsa uJeremiya ngezintambo bamkhipha emgodini, uJeremiya wahlala egcekeni letilongo.


Inkosi uZedekhiya yasilaya ukuthi bamngenise uJeremiya egcekeni letilongo, bamnike ucezu lwesinkwa esiphuma esigcawini sababhaki, size siphele sonke isinkwa emzini. Ngakho uJeremiya wahlala egcekeni letilongo.


Laze lafika izwi lakhe, izwi likaJehova lamvivinya.


Umpristi uHilikiya, no-Ahikamu, no-Akibori, noShafani, no-Asaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva, kaHarihasi, umlindi wezingubo; (manje wayehlala eJerusalema ekolishi;) bakhuluma naye.


Inkosi yabayala oHilikiya, no-Ahikamu, indodana kaShafani, no-Abidoni, indodana kaMika, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi:


Ngokuba impi yenkosi yaseBabele yalivimbezela iJerusalema, nomprofethi uJeremiya wayeboshiwe egcekeni letilongo elalisendlini yenkosi yakwaJuda.


UNebusaradani induna yabalindi wathuma, noNebusabhani, noRabisarisi, noNergali-Sareseri, uRabimagi, nazo zonke izikhulu zenkosi yaseBabele;


Engakabuyi, wathi: “Buyela kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, indodana kaShafani, inkosi yaseBabele immise abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda, uhlale naye phakathi kwezizwe; lapho kubonakala kukuhle kuwe ukuya khona. Khona-ke induna yabalindi yamnika ukudla nomvuzo wamkhulula.


UJeremiya waya kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa; wahamba wayohlala naye phakathi kwabantu ababesele ezweni.


Ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ka-Elishama wozalo lwenkosi, nezikhulu zenkosi, namadoda ayishumi kanye naye, kwafika kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa; badla isinkwa ndawonye eMispa.


Inkosi uJehoyakimi yathuma amadoda eGibithe, u-Elinathani indodana ka-Akibori, namadoda kanye naye eGibithe.


Lapho zonke izinduna zamabutho ezazisendle, zona namadoda azo, zizwa ukuthi inkosi yaseBhabhiloni yayimise uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, ukuba abe umbusi wezwe, futhi iphathiswe kuye amadoda nabesifazane nabantwana. Nabampofu bezwe, nabangazange bathunjelwe eBabiloni;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite